Uzohleka yedwa ozonqoba iPrince Buthelezi Marathon

Linda Ximba

Kuwumjaho wasemakhaya kodwa kulindeleke ukuthi uhehe amakhulu abasubathi ngenxa yokuthi imali yemiklomelo isondele kweye-Comrades Marathon.

I-Prince Mangosuthu Ultra Marathon, ethulwe kuleli sonto, izokwenza abasubathi emikhakheni yomibili yabesilisa nabesifazane kulo mjaho ka-52km bamuke no-R100 000.

Abasubathi be-Comrades Marathon bazohamba nomklomelo ka-R260 000 kulo mjaho ka-90km.

Umjaho kaMntwana uMangosuthu okuhloswe ngawo ukuhlonipha umholi weNkatha Freedom Party (i-IFP) uMangosuthu Buthelezi, uzoba e-Dundee eKZN mhla ziyisishiyagalombili kuNhlangulana.

IMeya yesiFunda saseMzinyathi, uPetrus Ngubane, umasipala wayo osingathayo futhi oxhasa lo mjaho ngezimali, uthe balindele abasubathi abaningi ngenxa yemali yemiklomelo.

“Sikholwa wukuthi lo mjaho uzoheha ngisho nabasubathi abavela emazweni angomakhelwane bethu njengase-Swatini, e-Zimbabwe kanye nase-Lesotho,” kusho uNgubane.

“I-Athletics wumdlalo okhathazayo. Sibona sengathi labo ababambe iqhaza kumele baklonyeliswe ngendlela efanele.”

Kukhona nemijaho ka-10km neka-5km.

Uthe basezingxoxweni nabaxhasi, uMasipala waseNdumeni nowaseNquthu abasesifundeni saseMzinyathi, ukuthi bangene ukuze uhlelo lwangonyaka ozayo lube no-R200 000 ozobe uhlelelwe abawinile.

Owadla umhlanganiso nyakenye uNkosikhona Mhlakwana, owenza u-02:59.15, uthe uwubheke ngabomvu umjaho walo nyaka. Uthe uzosebenzisa lo mcimbi ukulungiselela i-Comrades marathon.

ULoveness Madziva wase-Zimbabwe, owanqoba esigabeni sabesifazane, ngeke abe yingxenye ngoba ukhulelwe.

Izihloko zakamuva