Uzobhadla iminyaka eyishumi ejele ngenxa yesifonyo

Dylan Bettencourt

Ngenkathi uShane Michael wase-Iowa eMelika etshelwa ukuthi agqoke isifonyo sakhe sobuso kahle esitolo, udinwe wagana unwabu.

Ngemuva kokwala, uMichael ulandele le ndoda ebimcela ukuthi agqoke isifonyo emotweni yayo.

Ngesikhathi befika ube eseshaya isisulu esineminyaka engama-42 esishaya ngamanqindi ebusweni.

Ngemuva kwalokho ube esekhafulela ebusweni besisulu wathi: “Uma nginalo, nawe unalo,” eqonde igciwane lokhuvuthe.

Ukwengeza ukuhlambalaza, uMichael uthe bekuwukuzivikela njengoba ethi isisulu simlumile futhi samlimaza phakathi kwesisu nethanga. Enkantolo, isisulu sivumile ukuthi sikwenzile lokho kodwa sithi besizivikela ekulimaleni.

Ukugqokwa kwesifonyo ukuvimbela ukusabalala kokhuvethe kube yisihloko senkulumompikiswano eshubile yezombusazwe eMelika. Kuze kube manje amazwe angama-26, kufaka phakathi i-Lowa, amemezele ukugqokwa kwesifonyo njengokungeyona impoqo.

Lesi sehlakalo ngesinye sezimo eziningi zodlame eMelika maqondana nokugqokwa kwezifonyo.

NgoMbasa kulonyaka, owesifazane wase-Asia wahlaselwa ngenxa yokuthi wayengagqokile isifonyo, umenzi wobubi wamthuka ngaphambi kokushaya lo wesifazane ebusweni.

Umthombo wesithombe: @NewYorkPost

Izihloko zakamuva