Uzibulele owesilisa odubule isithandwa sakhe nomkhwekazi

Doreen Mokgolo

Umndeni wakwaMaleka ubonga ukusinda ngemuva kokuthi lowo owayethandana nendodakazi yabo evulele ngenhlamvu emzini wawo oseDuduza ngeSonto ebusuku.

UTlatsi Chapule osanda kuphuma ejele ngoshwele ngemuva kweminyaka eyisishiyagalombili eboshiwe udubule owayeyintombi yakhe u-Angela Maleka amahlandla amathathu nomama wakhe uKettie Maleka amahlandla amabili ngaphambi kokuthi azidubule naye.

Lezi zithandani ziqale ukuthandana ngoNhlolanja ngemuva kokuba u-Angela ehlukene nesoka lakhe lesikhathi eside kodwa ngoLwesibili olwedlule u-Angela wanquma ukuhlukana nesithandwa sakhe ngemuva kokuthola izithombe zamantombazane enqunu ocingweni lukaChapule.

Kodwa kuthe uma ethola ukuthi u-Angela usebuyelene nesinqandamathe sakhe sakudala wacasuka waqala ukumsabisa waputshuza izithombe zakhe enqunu ezinkundleni zokuxhumana.

NgeSonto ntambama uChapule kuthiwa ungene ngenkani kubo ka-Angela efuna ukukhuluma naye, ngesikhathi enqaba uvele wakhipha isibhamu.

Udadewabo omncane ka-Angela ukwazile ukunyonyoba ayocela usizo okuyikhona okumcasule kakhulu ngesikhathi ephuma ekamelweni umkhombe ngesibhamu wadubula wamgeja.

Ube esesibhekisa ngaku-Angela isibhamu wamdubula kabili esifubeni.

Umama ka-Angela uKettie uzame ukumbamba ngemuva kodwa wamdubula naye. 

UKettie olulamela ekhaya ngemuva kokuphuma esibhedlela utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uChapule udubule u-Angela ngemuva kwentamo yakhe.

“Ngesikhathi umyeni wami ezama ukumbamba ngemuva ufake umlomo wesibhamu emlonyeni wakhe.”

UKettie uthe ubethukile ukuthi  uChapule uzoqeda nya ngomndeni wakhe.

“Ubengafuni ukuzwa isizathu ngamcenga ukuthi ehlisa umoya, kodwa lokho kwamane kwamcasula kakhulu.”

UChapule kuthiwa ushonele endaweni yesigameko njengoba u-Angela elwela impilo yakhe egumbini labagula kakhulu.

Okhulumela amaphoyisa aseDuduza uHarry Manaka ukuqinisekisile ukuthi baphenya amacala amabili okuzama ukubulala, ukutholakala nesibhamu nezinhlamvu kanye nelokuzibulala.

Izihloko zakamuva