Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli usememezele ukuthi inkakha kwezokusakaza uNkk Zanele LaMbokazi-Nkambule uzohlonishwa ngomngcwabo wombuso wesigaba sesibili.
Lesi simemezelo uNtuli usenze ngoLwesihlanu ntambama lapho edalule ukuthi lesi sicelo sigunyazwe uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa.
Uthe ngenxa yeqhaza likaLaMbokazi-Nkambule ekuthuthukisweni kwentsha nasekufezeni amaphupho abaningi emphakathini kumfanele ukuhlonishwa ngalesi sigaba.
“UMengameli wezwe umhlonishwa uCyril Ramaphosa usekhiphe umyalelo wokuthi uLaMbokazi-Nkambule kufanele ahlonishwe ngomngcwabo wombuso osesigabeni salabo abasuke bebambe elikhulu iqhaza emphakathini nasekwakhiweni kwesizwe ngezindlela ezahlukene. Ngakho amagalelo kaLaMbokazi-Nkambule awangabazeki ekutheni ahlonishwe ngalolu hlobo lo mngcwabo wesiFundazwe,” kuchaza uNtuli.
Uqhube wathi Indima edlalwe uLaMbokazi-Nkambule ekwakhiweni kwesizwe kusuka esungula ama-Future Leaders nezikhungo zokukhulisa intsha ngokwamazinga ahlukene nokuyivulele amathuba kwezomnotho kuyamangaza.
Uthe yingakho bekushayela ihlombe ukuthi uMengameli wezwe ahloniphe isicelo sabo sokuba banikeze uLaMbokazi-Nkambule lolu hlobo lomngcwabo okhethekile.
ULaMbokazi-Nkambule uzofihlwa kusasa ngoMgqibelo emathuneni ase-Marianhill ngemuva kwenkonzo ezoqala ngo-9 ekuseni e-iNkosi Albert Luthuli ICC eThekwini.
