Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Uyogugela ejele umphrofethi wamanga ogixabezwe odilika jele abahlanu neminyaka engu-30 ngaphezulu ebhadla ejele ngecala lokudlwengula izingane zamantombazane ngomuthi.
UMnuz Mthokozisi Cyril Mdlalose (37) wase-Madresini e-Mondlo ngase-Vryheid, KwaZulu-Natal kuthe ngoLwesithathu inkantolo kaMantshi yaseNquthu yamgixabeza ngodilikajele abahlanu neminyaka engu-30 ngaphezulu.
Lokhu ikwenze ngemuva kobufakazi obuqanda ikhanda obebuveza ukuthi uMdlalose ubekhohlisa amantombazane ethi uyawahlolela ngakho ubona amashwa ezimpilweni zawo.
Yilapho ebesuka athembise ukuthi yena lawomabhadi uzowaqeda ngokuyihlambulula intombazane nobekuthi uma isifikile, ayigcobe umuthi bese iyazumeka bese ezitika ngayo ngokocansi.
NgoMfumfu wango-2020, wabholofidela intombazane eneminyaka engu-18 ubudala wathi unesibonakaliso esibi ngayo nesizokwenza ukuthi ihambe emhlabeni.
Wathi nokho angakwazi ukuyisiza uma ingeza kwakhe.
Intombazane yabikela unina owavuma ukuba iyolashwa kwaMdlalose e-Madresini.
Yilapho uMdlalose ayicela ukuba ikhumule ibenqunu. Wayilalisa ngomqolo wayigcoba amafutha, okungadalulwanga ukuthi awani, ekhanda nasezindlebeni.
Yazumeka nokuyilapho ayidlwengula khona ephindelela amahlandla angaphezulu kwamathathu.
Kwesinye isigameko esenzeka ngoNcwaba uMdlalose waqamba amanga entombazaneni eneminyaka engu-18 ubudala watshela unina wayo ukuthi idinga ukuyohlanjululwa emfuleni ngoba inamabhadi.
Ngempela wayithatha wahamba nayo wayifaka emanzini.
Kuthe uma iphuma wayihlalisa phezu kwethawula maqede wayigcoba amafutha akhe abedume ngawo.
Intombazane yaquleka nokwathi uma iphaphama yavuka uMdlalose engasabonwa nangokhalo.
Ngaleso sikhathi yayisidlwengulwe kucaca ukuthi ubeyenza ephindelela ingezwa.
Umkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi usishayele ihlombe lesi sigwebo wathi yiso esizogqugquzela abaphenyi ukuba basebenze ngokuzikhandla.
“Umphenyi waleli cala usebenzise ubuchule obuyisimanga ukuze akwazi ukubamba lo mgulukudu. Kuyasijabulisa ukuthi ngesikhathi kuyinyanga yabesifazane kube nezigwebo ezifana nalezi ukuqinisekisa ukubavikela kuzigilamkhuba ezifana noMdlalose,” kusho uMkhwanazi.
