Uyazisola ohambise ingane kwesokusoka

Kholofelo Mabitsela

NgoMsombuluko uTebogo Sedutla oneminyaka eyisithupha wavalelisa kunina wabe esehamba nomzala wakhe omdala beya esikoleni sokusoka e-Limpopo. 

NgoLwesibili umndeni wathola izindaba zokuthi uTebogo ushonile.

Umama wakhe u-Eunice Sedutla uthi ubengazi ukuthi kuhamba ngeminyaka ngesikhathi ethumela indodana yakhe esikoleni esisendaweni yase-Setlaleng ngaphansi kwe-Greater Letaba e-Bolobedu.

Ngaphansi koMthetho Wezikole zokusoka e-Limpopo owabekwa ngonyaka ka-2016 uthi ayikho ingane engaphansi kweminyaka engu-12 okumele yamukelwe esikoleni sokusoka.

UTebogo kuthiwa ubanjwe isifo sokuwa waphuthunyiswa esibhedlela sendawo, washona ngokuhamba kwesikhathi.

Nokho unina uyakuphika lokho njengoba engakaze atholakale enesifo sokuwa.

“Ngiyamangala ukuzwa ukuthi ubenesifo sokuwa, indodana yami ibingawuphuzi umuthi futhi ibingenazo izifo ezingelapheki. 

Ngize ngabanika nekhadi layo lasemtholampilo ngemuva kokuzwa lezi zinsolo.”

U-Eunice ohlala esigodini esiseduze sase-Makhutupetje uthe wavuma ukuthi ingane yakhe iye esikoleni ngoba umfowabo omdala wahamba eminyakeni embalwa edlule futhi naye wayengaphansi kweminyaka engu-12.

“Umfana wami uhambe nomzala wakhe oneminyaka eyisishiyagalombili ngoMsombuluko bengingazi ukuthi ngizogcina ukumbona ephila njengoba impilo yakhe inqanyulwe abantu abangawunaki umthetho, kungani bamamukela bewazi umthetho. 

Bekungekho emthethweni ukwenza lokho?” ebuza.

“Ngizisola kakhulu ngokuyisa indodana kadadewethu lapho.”

UNgqongqoshe wase-Limpopo uBaskopo Makamu uthe iziphathimandla zikusukumele ngokushesha ukuvala isikole sokusoka kanti odokotela bendabuko nodokotela abahlinzayo abebehlinza khona bamisiwe manje.

“Lokhu kuphazamisa izinhlelo zethu njengoba singafuni kushone muntu uma sithatha izingane ziyosoka, ” kusho uMakamu.

UNgqongqoshe uphinde waxwayisa ngokuthi lolu hlobo lwesenzo angeke lubekezelelwe. 

Izihloko zakamuva