Uyathuthuka unompempe wesifazane wasemakhaya

Linda Ximba

Okhulele endaweni yasemakhaya e-Nqamakwe e-Eastern Cape, unompempe webhola u-Akhona Makalima akakaze azibone enza umsebenzi owawuzomvumela ukuthi ahambele izwekazi lonke.

Unompempe wesifazane ohamba phambili owaziwa ngelikaSheref, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uthando lwakhe kanye nentshisekelo yokudlala ibhola okumholele kulo msebenzi awulandela kusukela ngo-2014.

UMakalima usezobonakala okokuqala kwi-CAF Women’s Africa Cup of Nations (Awcon) ezoqala ukudlala e-Morocco kule mpelasonto.

Mayelana nokuqokwa yedwa kulo mqhudelwano konompempe bakuleli abangu-40 abavela kwizwekazi lonke, uMakalima uthe ujabule kakhulu.

“Kuwumuzwa omuhle uma ucabanga lapho engiphuma khona. Esigodini sangakithi izingane nabantu abadala bathanda ibhola lombhoxo. Ngakhetha ibhola ngoba ekuqaleni ngangifuna ukuba umdlali osezingeni eliphezulu. Akwenzekanga kodwa ngibonga uNkulunkulu ngokungivulela le ndlela.”

Lo nompempe (30) uthe waqala ukungena kulo mkhakha ngemuva kokuzwa ngohlelo lweSafa lokuqasha onompempe besifazane abazophatha lo mqhudelwano ngo-2011.

“Ngisebenze kanzima ngokugqama emazingeni aphansi ngagcina ngiqokwe kwi-SAB kamuva kwaba i-ABC Motsepe ngagcina sengikwi-DStv Premiership.”

Ngemuva kokuqeda umsebenzi e-Morocco uzobe enethemba lokuthi uzophumelela futhi abambe iqhaza kwi-Fifa Under-20 Women’s World Cup e-Costa Rica.

“Lokho kungaba impumelelo enkulu kimi,” esho.

Useke waphatha i-CAF 2021 U20 Men’s Africa Cup of Nations e-Mauritania.

UMakalima wawina Indondo ye-Estée Lauder Style Star kuma-Momentum GSport Awards nyakenye.

Usanda kubuya kwi-Toulon Youth Festival ebise-France lapho abe ngunompempe khona kwi-derby yase-South America phakathi kwe-Argentina ne-Panama.

“Bekuwumdlalo onzima ukuwuphatha,” esho.

Umthombo wesithombe: @IOL

Izihloko zakamuva