Lubhalwe nguSelloane Ntshonyane
UMusawenkosi Pondza, oneminyaka engu-29 ubudala, wathola cishe u-R60,000 ngoxhaso lweFirst Home Finance ukuze athenge umuzi ka-R475,000.
INational Housing Finance Corporation ithi bangu-6,216 abantu abahlomule kulolu hlelo ngonyaka wezimali odlule, kanti imali elinganiselwa ku-R465-million isikhokhiwe.
UMusawenkosi Pondza uneminyaka engu-29, usebenza njenge-payroll administrator, usafunda, futhi manje ungumnikazi womuzi. Uxhaso lukahulumeni lwenza umehluko.
UPondza uthole imali elinganiselwa ku-R60,000 ngohlelo lweFirst Home Finance (FHF) ngesikhathi ethenga umuzi ka-R475,000. Uthi ubhekana kahle nokukhokhwa kwebhondi. Ufake isicelo ku-inthanethi nge-ejenti yokuthengisa futhi uthi inqubo yayiqondile uma esehlele kahle amadokhumenti akhe.
“Azikho izinselelo ebezikhona ngoba ngihambise wonke amaphepha abedingeka,” usho kanje.
Isicelo sithathe izinyanga ezimbili kuya kwezintathu ukuthi sigunyazwe.
UPondza uthi ukuba nomuzi kumlethele ukuthula, ngisho nezindleko ezengeziwe ezihambisana nakho.
“Kwezezimali kuthe ukuhluka ngoba kunezindleko ezifana nogesi, ama-rates nentela, kodwa kulula ukukhululeka ngazi ukuthi nginempahla yami,” usho kanje.
Umxhaso umnike indawo yokuthi aqhubeke nokufunda futhi ondle umndeni wakhe.
“Ngaphandle kwaleli thuba bekuzoba nzima kimina ukondla abantu engibathandayo,” usho kanje.
Uhlelo lwe-FHF luqondiswe kubantu abahola imali eningi kakhulu ukuze bafanelekele ukuthola indlu yomxhaso kodwa abanganele ukuthenga umuzi ngaphandle kosizo. UMatthew Sidu, oyibamba lesikhulu esiphezulu kwiNational Housing Finance Corporation, uthi sikhulile isidingo. Ngonyaka wezimali odlule, kwahlomula abantu abangu-6,216 kwathi u-R464,972,243 wakhokhwa.
USidu uxwayise ngokuthi abanye abantu baxhaphaza abafake izicelo ngokubakhokhisa imali futhi babathembise ukuthi uzobasiza ukuthi bathole uxhaso. Uhlelo lumahhala ukufaka isicelo.
I-FHF ingasiza futhi abantu abathenga noma bakhe amakhaya ngezitokofela nezinye izindlela zezimali zezindlu.
Esithombeni esingenhla: Umuzi kaMusawenkosi Pondza
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
