
Sizwe Sibiya
Kusaphele amasonto amabili nje vo isihlabani sase-Limpopo somculo wokholo, uDkt Winnie Mashaba, sibelethe ingane yentombazane – kodwa kungakapholi maseko sesibuyele esimeni futhi senza esidume ngakho.
UWinnie, obehlezi azisa abalandeli bakhe okuqhubekayo ngokukhulelwa kwakhe nokubeletha kwakhe, uthe usevele wehla emzimbeni ngo-10kg ezinsukwini ezingu-19 nje kuphela.
UWinnie ubhale ekhasini lakhe laku-Instagram wathi “izithombe zokuqala ngemuva kokuba uMama. Ngehle ngo-12kg emzimbeni emasontweni amabili,” Ubhale lokhu wase efaka nezithombe ezimbalwa ezifakazela lokho.
Waqhubeka nokuthi “ngisathandazela ukuthi abanye bathole injabulo esemphefumulweni wami”.
Abalandeli babenomona – njengoba omunye wabo ukhale ngokuthi akakaze ehle ngisho igramu ezinyangeni eziyisishiyagalombili ebelethile.
UWinnie usebuyele emsebenzini wakhe wokucula nokwenza inhlolokhono emisakazweni nakumabonakude. NgeSonto ubecula ku-Trace Gospel kwiDStv, ngaphambi kokuya kwinhlolokhono emsakazweni i-Lesedi FM.
Umthombo wesithombe: Instagram