Uvalo kuduka umkhumbi unabantu

Kuyanda ukukhathazeka njengoba umkhumbi ohamba ngaphansi kwamanzi (Titan submersible) obuhambisa abantu ukuthi bayobona umkhumbi we-Titanic owacwila, kubikwa ukuthi udukile.

Imikhumbi, izindiza, nemikhumbi ehamba ngaphansi kwamanzi sekujutshwe phakathi nolwandle  i-Atlantic Ocean ukuze kutholakale lo mkhumbi odukile.

Kuzwakale umsindo ngaphansi kwamanzi ngoLwesibili nangoLwesithathu, kodwa imbangela yalo msindo ayikaziwa.

Amathemba okuthola laba abangaphakathi komkhumbi ayashabalala, kodwa umsebenzi wokuhlenga nokubheka usaqhubeka.

Umkhumbi wase-France owenziwa ucwaningo obizwa nge-vessel L’Atalante osebenza nge-remote (ROV) okwazi ukuphakamisa umkhumbi i-Titan ujoyine imizamo yokubheka lo mkhumbi olahlekile.

I-US Coast Guard igcizelela ukuthi lona kusewumsebenzi wokusesha nokuhlenga laba abadukile futhi bazibophezele ekukhipheni zonke izimpahla ezitholakalayo ukuze bathole i-submersible.

Umhloli wasolwandle uDkt David Gallo usenethemba, kodwa uyazivuma izimo eziyinselele wathi kuzodingeka umlingo ukuze bakwazi ukuhlenga abavaleleke ngaphakathi kwi-Titan.

Ugqamisa ukubaluleka kwemisindo engaphansi kwamanzi abayizwile waveza nokuthi kuthathwe isinyathelo esisheshayo ukuze kutholwe futhi kuqinisekiswe ukuthi i-submersible ikuphi.

Kodwa-ke, sekuphakame ukukhathazeka mayelana nokuphepha kwe-submersible njengoba bekunemibiko yamaphutha ngesikhathi lo mkhumbi usanda kwakhiwa.

Yize isikhathi sokubheka umkhumbi siya ngokuncipha, basahleli ethembeni lomphumela omuhle.

Abagibeli be-submersible batuswe ngesibindi nokuzimisela kwabo njengoba kube yibona abathathe uhambo lokuyobona i-Titanic.

Luhlanganiswe umbhali we-Staff

Isithombe esingenhla: Umkhumbi olahlekile

Umthombo wesithombe: I-Twitter

Izihloko zakamuva