UTolashe uqokwe njengoMengameli we-ANCWL

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Yize uNkk Sisisi Tolashe eyiPhini likaNgqongqoshe Wezabesifazane, Intsha kanye Nabantu Abaphila Nokukhubazeka, akaziwa kakhulu eNingizimu Afrika ngaphandle kokuba yingxenye yemibuthano ye-ANC.

Ngamavoti angu-1 756, uTolashe uhlaze owayengumengameli we-ANCWL uBathabile Dlamini othole amavoti angu-170.

Imbangi yakhe bekunguNkk Thembeka Mchunu ongunkosikazi kaNgqongqoshe wezaManzi, uMnuz Senzo Mchunu othole amavoti angu-1 038.

UTolashe uqhamuka e-Queenstown e-Eastern Cape, okuyisifundazwe ebesilandela ngokuqinile uMnuz Cyril Ramaphosa kule minyaka emihlanu edlule.

Idolobha lakubo linyakazile ngenxa yemibhikisho eqhubekayo mayelana nokuhamba kancane kokuhlinzekwa kwezidingongqangi ezifana namanzi, ugesi nokuthuthwa kwendle.

Akaze akhulume nangezindaba ezithinta intsha, abesifazane nabakhubazekile.

URamaphosa wethule inkulumo yokuvala ingqungquthela ye-ANCWL futhi wajuba lolu phiko “ukuhlanganisa abesifazane emphakathini wonkana beseke i-ANC”.

“Abesifazane basethubeni elinamandla lokuqhuba izinguquko. Banezwi elikhulu kwezombusazwe nezenhlalo.

“Abesifazane benza ngaphezu kwesigamu sabantu ezweni.

“Baningi abesifazane ababhalisele ukuvota kunabesilisa kanti inani labantu besifazane abavotile liphezulu kakhulu,” kusho uRamaphosa.

Ubuholi obuphezulu be-ANCWL  buhlanganiswe yilaba abalandelayo: uLungi Gcabashe – iphini likamengameli, uNokuthula Nqaba – uNobhala Jikelele, uDina Pule – iphini likaNobhala Jikelele, uMaqueen Letsoha-Mathae – uMgcinimafa Jikelele.

Esithombeni esingenhla: USisisi Tolashe uqokwe njengomengameli wophiko lwabesifazane lwe-ANC

Umthombo wesithombe: AthiGeleba

Izihloko zakamuva