UThomas Muller usenkingeni ngokudayisa isidoda samahhashi

Dylan Bettencourt

Esigamekweni esishaqise kakhulu esifana nalokho okwenziwe uKurt Zouma ekhahlela amakati akhe, sekuphinde kwaba nesinye lapho uThomas Muller nomkakhe basolwa ngokudayisa isidoda sehhashi esibekwe endaweni ebandayo. 

Abantu be-Ethical Treatment of Animals (PETA) bathi amahhashi anakekelwa umdlali we-Bayern Munich nomkakhe abe yizisulu zezenzo zocansi ezingezona ezemvelo.

Lezi zinsolo ziza ngemuva kokuthi uMuller ethi elinye lamahhashi akhe lilimale ngaphambi kwesizini ye-Breeding, okuyisigameko i-PETA eyasinquma njengesingavinjelwa futhi besingenasidingo.

Unkosikazi womnqobi weNdebe Yomhlaba uLisa Muller ungumqeqeshi wamahhashi aphinde ugibele amahhashi  kanye nomyeni wakhe banepulazi lamahhashi lapho okusolakala ukuthi badayisa isidoda sehhashi ebesibekwe endaweni ebandayo ngemali elinganiselwa ku-R3,500 umthamo ngamunye.

UMuller oneminyaka engu-32, uthe ihhashi lashibilika lawa ngesikhathi lihlolwa okudale ukulimala.

“Ngebhadi sinezindaba ezimbi. I-D’Avie yethu ngeke itholakale ezinyangeni ezimbalwa ezizayo.

Washibilika ngesikhathi evivinywa ukulungiselela isikhathi sokuzalanisa wawa kakhulu ohlangothini lwakhe,” usho kanje esitatimendeni.

Okhulumela i-PETA uJana Hoger uthi laba bashadikazi bafuna ukuvimba ihhashi esikhathini sokuzalanisa ukuze baqhubeke nokwenza inzuzo ngokudayisa isidoda salo.

“Kuyadabukisa ukuthi abantu abazibiza ngabathandi bamahhashi baphoqa izilwane eziziphethe ukuthi zenze izenzo zocansi ezingezona ezemvelo ukuze zithole inzuzo ngakho,” kufundeka  isitatimende.

Lesi sigameko esixakile siza ngeviki elifanayo nevidiyo eputshukile ekhombisa umdlali wasemuva we-West Ham United ekhahlela ikati lakhe phansi ekhishini lakhe.

Lo mdlali wasemuva wase-France uthole imiphumela engemihle ngesenzo sakhe, walahlekelwa uxhaso lwakhe kanye noxhaso lweqembu lakhe.

UZouma uphinde wahlawuliswa u-R5 million futhi waphucwa amakati akhe iqembu le-Local Animal Welfare e-England.

Abantu bangabaza isijeziso esitholwe uZouma, bethi umdlali wasemuva ujeziswe kanzima ngenxa yombala wesikhumba sakhe.

Kusazobonakala ukuthi uMuller nomkakhe bazobhekana yini nesiphetho esifana nesikaZouma.

Umthombo wesithombe: @BavarianFootballWorks

Izihloko zakamuva