Uthisha onenhliziyo yegolide uwina umklomelo wamazwe omhlaba

Doreen Mokgolo

Umsunguli we-African School for Excellence, uNohlanhla Masina, ukhombisile ukuthi ukusebenza kanzima kuyazuzisa.

Usanda kunikezwa isicoco sokuba ngumnqobi esigabeni sesifunda se-Afrika esiseningizimu ye-Sahara ku-Cambridge International Schools Dedicated Teacher Awards.

Uthando lwakhe ngomphakathi wangakubo lwaholela ekutheni avule isikole esiphakeme esaziwayo elokishini lase-Tsakani, e-Kurhuleni ngowezi-2013.

UMasina uthi ubone ukuthi abafundi abaningi bamabanga aphakeme abenza unyaka wokuqala abavela emalokishini abanawo amakhono ayisisekelo ngisho nawokukhuluma ngesiNgisi.

“Ngithathe isinqumo sokuzinikela ekuthuthukiseni isimo semfundo ezikoleni ezisemalokishini ngokunikela ngezifundo ezengeziwe mahhala.

“Lokhu kwangikhuthaza ukuthi ngivule isikole, ngibhekele umphakathi wangakithi,” engeza.

Waphakanyiselwa umsebenzi awenza ngesikhathi kunemikhawulo enzima yezwe, ngenkathi kumiswe ukufunda emakilasini asemthethweni.

Uthathe inselelo yokufundisa amakilasi ayisithupha ezifundweni ezine: i-Mathematics, i-Chemistry, i-Physics and Global Perspective kanye no-Research ebangeni le-11 nele-12.

“Asikwazanga ukuvala izikhundla. Ngibe sengithatha isinqumo sokusukumela phezulu ngiqhubeke nezifundo ngoba phambilini bengisiza ngazo.

“Bengingeke ngivume ukuthi abafundi, ikakhulukazi labo abenza umatikuletsheni basalele ngemuva ezifundweni zabo,” echaza.

UMasina wengeze wathi, njengengxenye yalolu hlelo, usungule amakilasi e-WhatsApp ukuze akwazi ukufinyelela kubo bonke abafundi, aqinisekise ukuthi bonke bathola i-data ye-intanethi nekhibhodi evela esikoleni.

Kukho konke lokhu kuzidela, isigaba sikamatikuletsheni sonyaka wezi-2020 saphasa ngamaphesenti angama-80 nge-bachelor, okuyimiphumela emihle kakhulu esike yaba nayo.

Lo mklomelo uvula indlela yokuba uMasina ancintisane esigabeni somhlaba lapho ezokhuphuka ayokulwa nabaphumelele bakwezinye izifunda emhlabeni jikelele.

UMasina une-MSc (i-med) Pharmaceutics, i-BSc Honours kwi-Biochemistry kanye ne-Cell Biology kanye ne-BSc kwi-Biological Sciences konke kusuka e-University of Witwaterstrand.

Uhlonishwe njengomunye wabesebasha baseNingizimu Afrika ku-Mail & Guardian ngomsebenzi wakhe kwezemfundo.

Izihloko zakamuva