UTazmin owangena engozini yemoto engumdlali wama-olimpiki kwi-javelin usengene kwikhililithi

Dylan Bettencourt

Lashabalala iphupho likaTazmin Brits laseNingizimu Afrika lokungenela umqhudelwano njengomjikijeli we-javelin kuma-olimpiki ngesikhathi eba sengozini yemoto ngonya ka-2011.

UBrits, odwetshwe izindandatho zama-olimpiki engalweni yakhe, wayesesendleleni yokuba isihlabani sama-olimpiki ngesikhathi engena engozini yemoto ngenxa yokuthinta umakhalekhukhwini wakhe ebe  eshayela wahluleka ukulawula imoto yakhe.

Wazama ukulungisa ukushibilika okwadala  ukuthi imoto igingqike. Wayengalifakile ibhande futhi waphuma ngefasitela wangena ngaphansi kwemoto walimala esinyeni waphazamiseka inqulu kwaqhuma isinye.

“Ngazama ukunyakaza. Emnqondweni wami ngangithi ‘sukuma, vuka’, kodwa ngabona ukuthi ngangingayizwa imilenze yami ngenxa yethambo lami eliphukile. Ngangicabanga ukuthi  ngikhubazekile,” etshela i-BBC Sport Africa.

UBrits waphatheka kabi ngemuva kokuphuma kwakhe emqhudelwaneni futhi wayibona indawo yakhe kuma-olimpiki e-London ngonyaka ka-2012 ishabalala phambi kwamehlo akhe.

“Ngachitha iminyaka eyalandela ngisemgodini ngizifihlile” kusho uBrits. Ubesebenza njengoweta nasesitolo esikhulu sendawo ebhekene nezikhumbuzo zokuthi impilo yakhe yayinjani.

Ngaphezhu kokuchitha isikhathi nodokotela bengqondo, isimo sengqondo sikaBrits saba sibi kakhulu, futhi wayecabanga nokuzibulala.

“Ngenhlanhla, akwenzakanga,” kusho lo msubathi.

Ngonyaka ka-2018 waphendukela kwikhilikithi ngokuzijabulisa.”

Futhi lowo msebenzi ojabulisayo uphenduke waba into enhle kakhulu.

Ngemuva kweminyaka emine, lo mdlali oneminyaka engu-31 ubudala uzithola eqala ukudlala eNdebeni Yomhlaba Yekhilikithi yabesifazane.

“Ngizama ukuziqinisa, kodwa ngifuna ukuma kuvulandi wami ngimemeze ngithi ngiseNdebeni yoMhlaba. Bengingalala ngigqoke ijezi lami lama-Proteas uma ngingakwazi,” kusho lo msubathi.

UBrits ulibangise e-New Zealand kwiNdebe yoMhlaba ngaphandle kukababa wakhe owamlahlekela ngenxa ye-Covid-19 ngoNdasa ngonyaka odlule. 

“Ubezoziqhenya ngami,” kusho uBrits, izwi lakhe lidabukile.

Umkhankaso weNdebe Yomhlaba wonke wama-Proteas uzoqala ngoMgqibelo lapho bedlala ne-Bangladesh.

Umthombo wesithombe: @SACricketMag

Izihloko zakamuva