Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Usunqandiwe umlilo oshise ibhilidi elinomlando elise-Johannesburg Country Club.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo i-Johannesburg Emergency Management Services (EMS) uRobert Mulaudzi ukuqinisekisile ukuthi umlilo usunqandiwe kanti abe-EMS sebededele indawo yesigameko ezikhulwini ezifanele ukuze kuqhutshekwe nophenyo. Okwamanje, imbangela yomlilo ayikaziwa.
Uthe ngezithuba zabo-8 ebusuku izikhulu zigcine zikwazile ukubhula lo mlilo
UMulaudzi uthe izikhulu ziphuthume esigamekweni somlilo sangoLwesibili ngezithuba zabo-14:20, ngesikhathi abe-EMS bethola ucingo oluphuthumayo.
“Ngesikhathi befika ebhilidini i-Johannesburg Country Club, izicishamlilo zifice ibhilidi livutha amalangabi.
“Amaloli amathathu ezicishamlilo athunyelwe endaweni yesigameko; ngenhlanhla, wonke umuntu ubesephumile ngesikhathi kuqala umlilo.
“Umlilo usunqandiwe ekhishini, endaweni yokudlela nasendaweni yokwamukela izivakashi. Okwamanje kusaphenywa ngembangela yomlilo,” kusho uMulaudzi.
Khonamanjalo, imenenja yebhilidi uSteve Nicholson ukhiphe isitatimende esifushane ememezela ukuthi le ndawo izovalwa okwamanje.
Ingxenye yesitatimende sifundeka kanje: “Sicela ukunazisa ukuthi yonke indawo yase-Auckland Park izovalwa kuze kube kuphinde kukhishwa isaziso sokuhlola izinga lomonakalo nokuvumela ikomidi nabaphathi ukuhlela ukuthi sizoqhubeka kanjani nokusiza amalungu anezakhiwo eziwohlokayo.”
Esithombeni ngenhla: I-Johannesburg Country Club
Umthombo: EMS
