Usozimali wakuleli usephinde waba ngundabamlonyeni

Dylan Bettencourt

U-Elon Musk kuthiwa uke wathandana noNicole Shanahan unkosikazi womngani wakhe.

USergey Brin ongumsunguli we-Google wafaka isehlukaniso ngoMasingana echaza ukuthi yena nomkhwenyana wakhe bafuna izinto ezihlukile ngokusho kwe-The Wall Street Journal.

Kuthiwa ukuthandana kwaqala emcimbini we-Art Basel eheha abaqoqi bezobuciko e-Miami Beach e-Florida.

UBrin wasiza inkampani kagesi kaMusk i-Tesla ngemali ngenkathi ingaphansi kwengcindezi yezezimali ngonyaka ka-2008.

Ubungani baphenduka baba muncu njengoba kubikwa ukuthi uMusk waguqa ngamadolo ecela uxolo kuBrin emcimbini.

UMusk useziphikile lezi zinsolo ku-Twitter, ethi ubengakaze ambone uShanahan eminyakeni emithathu.

“Lena indaba ephelele,” kusho uMusk oneminyaka engu-51 ku-Twitter.

“Mina noSergey singabangani futhi besisephathini ndawonye izolo ebusuku! Ngibone uNicole kabili kuphela eminyakeni emithathu, izikhathi zombili nabanye abantu abaningi ayikho le yokuthi besithandana.”

Lo somabhizinisi ongowokuzalwa kuleli useke wabhekana nezingqinamba eziningi ezinyangeni ezedlule okuhlanganisa nemizamo ephusile yokuthenga inkampani yezokuxhumana i-Twitter. NgoNhlaba wasolwa ngokuziveza kumuntu osebenza kwindiza yangasese.

Kule nyanga kubikwe ukuthi ubenamawele nesinye sezisebenzi zakhe emasontweni amabili ngaphambi kokuba abe nengane noGrimes owayengumlingani wakhe.

UMusk uphendule ku-Twitter wathi wenza konke okusemandleni ukulungisa lesi simo esibucayi”.

UBrin usize ekusunguleni i-Google noLarry Page ngo-1998 futhi ungomunye wamalungu anethonya enkampanini.

Lo wesilisa oneminyaka engu-48 ubudala unengane eyodwa nomkakhe njengoba bafaka isehlukaniso.

“Ngiyethemba ukuthi mina noSergey sizoqhubekela phambili, ngokuthembana nokuzwana ngenxa yengane yethu. Sobabili sizokulungisa lokho,” kusho uNicole etshela uPuck.

Umthombo wesithombe: @People

Izihloko zakamuva