Sizwe Sibiya
Indoda ehlekisa kakhulu e-Afrika nakumabonakude waseMelika, uTrevor Noah, ulungisa isudi yakhe kakhaphethi obomvu ngemuva kokuhlonishwa ngokuqokwa kabili kuma-Emmy Awards kuleli sonto.
UTrevor ukwazile ukuhambisa i-Daily Show lapho ibingafinyeleli khona selokhu athatha izintambo kwiqhawe lamahlaya uJon Stewart ngowezi-2015.
Futhi ubelokhu evuna izinzuzo.
I-Daily Show iqokwe ku-Outstanding Variety Talk Series ne-Outstanding Writing ye-Variety Special.
Lo somahlaya oneminyaka engama-37 ubudala wase-Soweto phambilini wathola indondo ye-Emmy Outstanding Short Form Variety Series Award ngowezi-2017.
Khonamanjalo elinye ithalente lakuleli elenza izinto ezimangazayo eMelika, uThuso Mbedu, uhlonishiwe – kodwa hhayi ngokuqokwa komuntu ngamunye.
Uchungechunge lwase-Hollywood, i-The Underground RailRoad, lapho alingisa khona, luthole ukuqokwa okuyisikhombisa.
Umcimbi wama-Emmy Awards uzosingathwa ngeSonto lomhla ziyi-19 kuMandulo ngowezi-2021 bese usakazwa bukhoma kwi-CBS.