Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Abagibeli bebhasi le-Golden Arrow abebesuka e-Bellville beya elokishini laseKhayelitsha babone isimanga ngesikhathi kushona umgibeli ebhasini ngoLwesithathu ntambama.
Umgibeli ongadalulwanga igama uthe umufi ukhale ngokushisa nokukhathala ngesikhathi bese-Bellville.
Umufi ubebukeka sengathi uzunywe ubuthongo ngesikhathi sisendleleni.
Lo mgibeli uthe ube esezwa abanye abagibeli bebikela umshayeli ukuthi umufi akabukeki njengo muntu olele.
“Ngesikhathi abanye abagibeli bebikela umshayeli, nami ngiye ngabona ukuthi kukhona okungahambi kahle ngoba ubengasabeli,” kusho umgibeli.
Umshayeli uye wamphuthumisa emtholampilo e-KTC Day ecabanga ukuthi uqulekile. Ngesikhathi efika esibhedlela utshelwe ukuthi lona wesifazane ushonile.
“Ngimshayela ihlombe umshayeli ngokumphuthumisa emtholampilo. Ukhombise ubuntu ngoba akacabanganga ukufika lapho abeya khona kodwa uqale wanakekela umgibeli,” kusho umgibeli.
Omunye umgibeli uveze ukuthi kube isonto elibi kwabakwa-Golden Arrow.
“Unyaka iwuqale kabi le nkampani yamabhasi. NgoLwesibili ibhasi labo lishayise imizi yabantu e-Delft ngesikhathi umshayeli ebalekela izigebengu,” kusho umgibeli.
Okhulumela i-Golden Arrow Bus Service, uBronwen Dyker-Beyer usiqinisekisile lesi sigameko wathi umgibeli uvele wagula ngesikhathi besebhasini waphuthunyiswa esibhedlela kodwa ngokudabukisayo washona.
“Imicabango yethu ikumndeni womgibeli oshonile ngalesi sikhathi esinzima,” kusho uBeyer.
Esithombeni esingenhla: Ibhasi lakwa-Golden Arrow.
Umthombo wesithombe: Stock