Usizi oThukela kuphela amanzi

Celani Sikhakhane

Umphakathi waseMnambithi oThukela ubhekene nenkinga yokungabi nawo amanzi kusukela emasontweni amathathu kwaba khona izikhukhula ezicekele phansi ingxenye enkulu KwaZulu-Natal.

IMeya yoMkhandlu uThukela iNkosi uNtandoyenkosi Shabalala iveze ukuthi amaphampu amanzi acekelwe phansi izikhukhula ezenzeka KwaZulu-Natal ngoMbasa. 

Lokhu kushiye imitholampilo, izikole nezinye izikhungo zingenawo amanzi aphuma empompini.

“Okwamanje mabili kuphela amaphampu asebenzayo. Ngenxa yalesi sigameko esingesihle umthamo wokudonsa amanzi wehlile kakhulu ohlelweni lokuphakelwa kwamanzi,” kusho iMeya uShabalala etshela i-Scrolla.Africa.

“Kumanje sinenkampani yokwakha esebenza ubusuku nemini ilungisa iphinde ikhipha udaka olufakwe izikhukhula zakamuva. Lezi zisebenzi ziphinde zilungise amaphampu kanye namanye amaphutha ezobuchwepheshe.”

IMeya ithe lesi sikhungo siyasebenza kodwa asisebenzi ngokugcwele.

Ngenxa yalokhu ukulungiswa kwengqalasizinda ekhona kuzoba nomthelela ekuhanjisweni kwamanzi emiphakathini yase-Zakheni, e-Acaciavale, e-Steadville, e-Chesty Place kanye ne-Aloe Park.

I-Scrolla.Africa itshelwe ukuthi ukulungiswa kwamaphampu kuzoba nomthelela ekufinyeleleni kwamanzi kule miphakathi kuze kube uLwesihlanu ekuseni uma konke kuhamba njengoba bekuhleliwe.

Izakhamuzi eziningi zaseMnambithi ziswele ukudla nezinye izinto ezibalulekile kusukela izikhukhula zacekela phansi ingxenye enkulu yedolobha ngenyanga edlule.

Khonamanjalo eThekwini izakhamuzi zisadonsa kanzima ukuthola izidingongqangi.

Imizamo yokusiza isaqhubeka esifundazweni sonke njengoba sekuqinisekisiwe ukuthi bangu-435 abantu abashonile ngenxa yezikhukhula kanti bangu-55 abasadukile.

Izihloko zakamuva