Usizi kuvalwa inkampani enkulu

Kamogelo Olaitan

Ukuvalwa kwezimboni ze-Tiger Brands ezikhiqiza ukudla okusemathinini eNtshonalanga Kapa kuzoshiya abalimi bezithelo abangaphezu kuka-300 bengenayo enye imakethe yomkhiqizo wabo.

Izinhlelo ze-Tiger Brands zokuvala izimboni zabo zokudla okufakwa emathinini e-Langeberg e-Ashton sezidingidwe cishe eminyakeni emibili edlule ngemuva kwalokho abakubiza ngokuthi ukubuyekezwa okugxile ekukhiqizeni nasekukhangiseni ukudla neziphuzo zansuku zonke.”

Lokhu kugqugquzelwe njengoba amanani amathini elokhu enyuka futhi i-Tiger Brands idinga angaphezu kuka-350 million ngonyaka. Ukwenyuka kwenani lamathini kusolwa intengo yezinsimbi  ezisetshenziselwa ukwenza amathini, kanye nokwenyuka kwezindleko zokuthutha ukuze umkhiqizo ungeniswe ezindaweni ezahlukene.

Ukuvalwa kuzodala inkinga kubalimi bezithelo bendawo kucekele phansi ukusebenza amathani angu-90 omkhiqizo wabo.

I-AgriSA engimfelandawonye wezinhlangano zezolimo ithe bangu-160 abakhiqizi abafake isicelo sokuthenga lezi zimboni, kodwa badinga imali efinyelela ku-R300 million ezinsukwini ezingu-60 kusukela mhla ziyisishiyagalolunye ngoNhlangulana ukuze bathole lesi sivumelwano.

Esitatimendeni sangoLwesithathu esikhishwe uChristo Rheede umqondisi omkhulu kwa-AgriSA uthe kukhona ezindawo ezingu-2,250 zamasimo ezithelo ezisetshenziswa ekudleni okufakwa emathinini kwimboni yaka-Tiger Brands.

“Umphumela wokuvalwa uzoletha izinkinga kubakhiqizi abangu-300 abangenazo ezinye izimakethe zokukhiqiza,” kusho uRheede.

UMnuz Jacques Jordaan oyisikhulu esiphezulu se-Canning Fruit Producers Association uthe balindele ukulahlekelwa inani elingaphansi kuka-R1 billion.

UJordaan uthe ukuyisa lesi sithelo emakethe yasekhaya yemikhiqizo emisha kuzodala ukugcwala ngokweqile futhi kufake ingcindezi embonini.

“Izithelo azikwazi ukuthunyelwa ngaphandle noma zifakwe emakethe yasendaweni,” kusho uJordaan

“Enye yemboni okuwukuphela kwayo i-Rhodes ese-Tulbagh iyimboni incane kulezi ezimbili futhi isivele igijima ngokweqile.”

Esitatimendeni i-Tiger Brands ithe “indawo yase-Langeberg nese-Ashton ikhiqiza ukudla okuphekiwe nezithelo ezifakwe ethinini eziyiswa emakethe  yezohwebo kanye nasezindaweni ezinokuncintisana nemakethe yemikhiqizo yasendaweni ezibiza imali ehlukile,kodwa  nezivuno zomhlaba wonke zengeze ukuguquguquka kwezinto,”

Bangaphezu kuka-200 abantu abazolahlekelwa imisebenzi kanti abangu-4 300 bazothikamezeka uma kuqala le sizini. 

Izihloko zakamuva