Usizi izithandani zibulawa ukuvuza kwegesi

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Enethemba elingatheni uJudith Manyisa uphuthume emzini wendodana yakhe ethandazela ukuthi amalungu omndeni wayo asaphila nokuthi asesimweni esihle.

Ubikelwe ukuthi abantu bashonile kulandela ukuvuza kwegesi wezwa nokuthi indodana yakhe uSamuel Ubisi (19) nentombi yayo uNaila Mhlongo bangase babesengozini.

Uye waphuthuma endaweni yesigameko eqhele ngamakhilomitha ambalwa kuphela wathola ukuthi abekuthuke kakhulu kwenzekile.

Emi ngaphandle kwendawo yesigameko ebusuku obubandayo e-East Rand evinjwe intambo ephuzi yamaphoyisa emvimbele ukuthi angene endaweni yesigameko utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uthole indodana yakhe nentombi yayo belele phansi.

“Ngesikhathi ngigqekeza umjondolo wabo benginethemba lokuthi ngizobafica bemamatheka nokuthi bazongamukela njengoba behlezi benza,” esho.

“Kodwa ngesikhathi ngibiza amagama abo akekho oye wasabela. Kuvele kwathula kwathi cwaka. UNaila ubekade epheka futhi ukudla bekusesitofini. Inhliziyo yami ivele yaba buhlungu. Bobabili bebeshonile.”

UJudith uthe ubesekhaya ebukele umabonakude nomyeni wakhe uCarlos Diamo ngesikhathi ethola ucingo oluvela komakhelwane bendodana yakhe bethi akaye emzini wendodana yakhe emijondolo yase-Angelo ngase-Boksburg eyohlola isimo.

Ucingo luveze ukuthi kubikwe ukuthi abantu bashonile ngenxa yokuvuza kwegesi.

Uthe indodana yakhe ibimthanda unkosikazi wayo.

“Bebehlezi bendawonye beya enxanxatheleni yezitolo benza izinto ndawonye. Manje sebehlangene ekufeni,” kusho uJudith.

Umyeni kaJudith uCarlos Diamo uthe belingekho ithuba lokusindisa izingane.

“Abantu abaningi abahogele igesi bathinteke kabi futhi abangashonanga basesimeni esibucayi esibhedlela,” esho.

Ngesikhathi imeya yase-Ekurhuleni uSivuyile Ngodwana ehambele leli dolobha uthe umasipala uzokwenza konke okusemandleni ukuxhasa izisulu zale nhlekelele.

Okhulumela i-Ekurhuleni Disaster and Emergency Management Services uWilliam Tladi ukuqinisekisile ukuthi bangu-16 abantu abashonele endaweni yesigameko wathi abanye abangu-16 bangeniswe esibhedlela.

Ukuvuza kwegesi kungase kuhlotshaniswe nezimayini ezingekho emthethweni kule ndawo yokuhlala.

Esithombeni esingenhla: Indawo okuqhume kuyo igesi

Izihloko zakamuva