Usizi intombazanyana (4) ebilahlekile itholakala ishonile

Everson Luhanga

Sekuqinisekisiwe ukuthi amathambo engane atholwe ngoLwesibili e-Tamboville, e-Ekurhuleni ngawengane ebilahlekile uBokgabo Poo (4).

Ugogo wengane uRefilwe Poo uthe bahlonze amathambo ayo ngoMgqibelo futhi ngempela ngawomzukulu wake olahlekile.

“Umzukulu wami ushone kabuhlungu,” kusho uRefilwe etshela i-Scrolla.Africa kanti wengeze ngokuthi isidumbu sikaBokgabo sicwiyiwe.

“Sikwazile ukumhlonza ngezinwele zakhe, isimo sobuso nangesikibha abesigqokile,” esho.

Azitholakalanga zonke izitho zomzimba zikaBokgabo futhi uRefilwe akanalo ithemba lokuthi bazozithola zonke izitho  zomzimba kamzukulu wakhe.

Yize kunjalo umndeni ukhululekile ngokuthi utholakele futhi umsolwa uboshiwe.

Wengeze ngokuthi bazoqhubeka nokulwela ubulungiswa ngomzukulu wakhe nokuthi bagwetshwe abaxhumene necala.

Intombazanyana (4) iduke idlala epaki eduzane nasekhaya layo ngoMsombuluko ntambama.

Ividiyo ethwetshulwe ikhamera yonogada ibonisa ngesikhathi uBokgabo eholwa ngowesilisa ebalekela abangani bakhe ngoMsombuluko ntambama.

Umsolwa okugodlwe igama lakhe, kukholakala ukuthi uyindoda engaziwa ethwetshulwe ikhamera yonogada.

Kubikwa ukuthi isalukazi (63) besishanela igceke laso ngesikhathi sibona izinzwane zomuntu zivela phansi emhlabathini ngoLwesibili.

Uye wabiza omakhelwane bakhe ababize amaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa aseGoli uColonel Mavela Masondo uthe amaphoyisa angongoti abizelwe endaweni yesigameko kwatholakala umlenze wengane ethuneni elingashoni.

“Ngesikhathi amaphoyisa esacubungula indawo yesigameko abikelwe ngesidumbu sengane esigangeni, endaweni eqhele ngamamitha angu-800 ukusuka endlini okutholwe kuyo umlenze nokuyilapho amaphoyisa athole khona isidumbu sengane esonakele,” esho.

Umsolwa uboshwe ngoLwesihlanu ekuseni e-Boksburg ngemuva kokuhlonzwa ngamalungu omphakathi abikele amaphoyisa.

Isithombe esingenhla: UBokgabo Poo

Izihloko zakamuva