Usizi eshisa intombi yakhe nezingane endlini

Sibonelo Zwane

Amaphoyisa athungatha owesilisa okusolakala ukuthi ukhiye indlu wase eyishisa kunentombi kanye nezingane zabo ngaphakathi.

Kuthiwa umsolwa onomunye umndeni, ube nengxabano eshubile nentombi yakhe ngaphambi kokuthi abashise bephila e-Protea Glen e-Soweto ngoLwesihlanu.

Owesifazane (41), ushonele khona lapho ngesikhathi amadodana abo amabili ashile ephuthunyiswa esibhedlela.

Umfanyana (6) ushonele esibhedlela ngoMsombuluko.

Kusolakala ukuthi uLerato Sefejedo, osebenza ngezokuthutha uvalele intombi yakhe nenye yezingane zabo egumbini lokulala ngokusho kukamakhelwane.

“Omunye umfana ubesegumbini lakhe,” kusho umakhelwane ongathandanga ukudalulwa igama.

Kusolakala ukuthi umsolwa ubalekile ngemuva kokushisa indlu.

Omakhelwane ababone intuthu igcwele umgwaqo namalangabi ephuma ngamafasitela endlu bazamile ukucisha umlilo bahlenga izingane kodwa bese kwephuzile ukuthi bengahlenga owesifazane.

“Amaphoyisa afike sesivele senze izindlela zokunqanda umlilo kanti sifice isidumbu sowesifazane sishe ngendlela yokuthi ubengabonakali,”  kusho umakhelwane.

Okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS eGoli uColonel Dimakatso Sello, usiqinisekisile lesi sigameko wengeza ngokuthi imbangela yokubulawa ibingakaziwa.

“Umsolwa ubalekile kanti okwamanje uthungathwa amaphoyisa. Isisulu (41) sishonile ngesikhathi izingane zaso ezimbili ziphuthunyiswa esibhedlela. Ingane (6) ishonele esibhedlela ngemuva kosuku,” kusho uSello.

Izihloko zakamuva