Usizi ebulawelwa utshwala

Buziwe Nocuze

U-Abongile Mgununde ubezipholele nabangani bakhe ngoMgqibelo elokishini lase-Khayelitsha eKapa ngesikhathi bemcela ukuthi ebathelele ama-shots otshwala.

Ubengenankinga ngokwenzala abangani bakhe lokho. Kodwa ngesikhathi umuntu angamazi emcela ukuthi amthelele i-shot u-Abongile uye wenqaba – kanti lokho kumthathele impilo yakhe.

Ngaphambi nje kokuba kuqhamuke ibhodlela likagologo, iqembu labangani lijoyinwe umuntu ongaqondakali.

U-Abongile ubengenandaba nokuba khona kwakhe, kodwa ngesikhathi ecela utshwala, ubesegagamele kakhulu, u-Abongile uye wanqaba ukumthela.

Le ndoda ibonakale icasukile ngalokhu yabe isisuka kuleli qembu labangani.

NgeSonto u-Abongile ubezipholele nabangani bakhe kwafika yena lo mlisa kubo wabuza ukuthi kungani engathelelwanga ugologo ngayizolo.

Engakaphenduli u-Abongile kuthiwa lo mlisa uvele wamshaya ngempama.

Umfowabo ka-Abongile, u-Andile Mgununde uthe umfowabo akazange alwe.

“Ubekuzonda ukulwa uvele wahamba. Esendleleni ebuyela ekhaya umsolwa uvele wamlandela waqhubeka nokumshaya,” kusho umfowabo ka-Abongile.

“Asazi noma umsolwa ucasulwe ukuthi umfowethu ubengalwi yini.”

Ehluleka ukuvusa ulaka ku-Abongile lo mlisa uye wakhipha ummese wagwaza u-Abongile waze washona.

Okhulumela amaphoyisa ase-Harare, uKaputeni Siyabulela Vukubi ukuqinisekisile ukuthi isisulu (23) sigwazwe sashona ngeSonto.

“Kuthiwa lesi sigameko senzeke ngemuva kokuthi umsolwa exabene nomufi nokuthe ngokuhamba kwesikhathi umufi wagwazwa washonela esibhedlela. Amaphoyisa ase-Harare aphenya icala lokubulala kanti umsolwa usazoboshwa,” kusho uVukubi.

Izihloko zakamuva