Usizi bekhishwa ehholo lomphakathi

Buziwe Nocuze

Ngesikhathi izimvula ezinamandla zikhukhula imijondolo yabo, umphakathi wakhosela ehholo lomphakathi. Kodwa manje uMasipala waseKapa ufuna baphume – futhi ubasabisa ngokubaxosha.

UWeliswa Madenuka (45), wathuthela emijondolo yase-Burundi elokishini laseMfuleni, eKapa eminyakeni eyishumi edlule. Impilo yakhe ishintshe ngenyanga edlule ngemuva kokuthi imvula ikhukhule umjondolo wakhe, kwaphoqeleka ukuthi ahambe.

Njengeningi lomakhelwane bakhe waya ehholo lomphakathi eChris Hani ukuze ayokhosela okwesikhashana.

Umasipala uthi ukuhlala kwabo kuleli hholo akukho emthethweni.

Kodwa uMadenuka utshele i-Scrolla.Africa ukuthi yena nezinye izakhamizi eziningi endaweni yangakubo bakhethe ukuhlala kuleli hholo ngoba ngelomphakathi.

Bathe bazolwa nokukhishwa kule ndawo ngaphandle uma benikwa indawo ephephile yokubeka imijondolo yabo.

“Basixosha sengathi indawo ilungile. Sekuphele inyanga ngihlala lapha, kuyabanda futhi abukho ubumfihlo. Asikwazi ukwenza izinto ezithile ngoba siyinxube yeminyaka ehlukene,”  kusho yena engeza ngokuthi bayazabalaza ukuthola ukudla ehholo.

Elinye ilungu lomphakathi, uNksz Nomalungisa Mvakwendlu (38), uthe akazi ukuthi umasipala ufuna baye kuphi ngoba 

izikhulu zibonile ukuthi indawo yabo imbi kangakanani.

“Izingane zethu ziyagula ngenxa yokulala phansi. Umasipala kumele uyeke ukucabanga ukuthi sisemaholidini lapha.”

Uthe sebephelelwe yithemba njengoba bese benqume ukuthi ihholo lomphakathi liyindawo ephephile kubona.

Ikhansela lendawo uPatricia van der Ross, oyilungu lekomidi lemeya lemisebenzi yomphakathi kanye nezempilo, uthe likhona icala elivuliwe kwa-SAPS.

“Imizamo eminingi yokuxoxisana namalungu omphakathi eyenziwe ikhansela lesigceme kanye nosihlalo womkhandlu omncane ayiphumelelanga, manje sesicubungula igxathu elilandelayo lokubakhipha kule ndawo,” kusho uVan der Ross.

Izihloko zakamuva