Usinde ngokulambisa obesolwa ngokweba umabonakude

Doreen Mokgolo

Ngemuva kokuhlukunyezwa amahora amaningi, uBongani Maditsi uye wabhunyelwa ngophethiloli washiswa.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi abaqaphi bendawo bamsole ngokweba umabonakude kamakhelwane wakhe wohlobo lwe-plasma.

UBongani usolwe ngaleli cala ngemuva kokuthi ilungu lomphakathi lithi limbone egijima eduze kwalo muzi e-Tsakane e-Ekurhuleni ngesikhathi esifanayo isigilamkhuba esintshontshe ngaso umabonakude.

Omakhelwane ababili kanye nomngani wabo bangene ngenkani emzini kaBongani befuna avume ukuthi webe umabonakude obizayo.

Ngesikhathi uBongani ephika ukuthi unolwazi ngecala, baye bamphoqa ukuthi abaphelezele baye edamini lendawo, baphinde bathi akavume icala.

Umsolwa (28) utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bambophe ngentambo base bemsabisa ngokuthi bazombulala uma engabatsheli ukuthi uwufihlephi umabonakude.

Esakhungathekile uBongani uthe ubone impilo yakhe ishabalala emehlweni akhe.

“Bebengithuka ngenhlamba bengithela ngophethiloli base bengithungela ngomlilo. Ngikwazile ukubalekela edamini ngizama ukucisha amalangabe kodwa ebenamandla kakhulu.”

UBongani uthe ngesikhathi laba abathathu bembona egijima ebheke edamini bathembise ukuthi bazomqedela uma esindile.

“Ngikhuleke kakhulu ukuze ngisinde kulobu bunzima. Ngibuthakathaka nginjalo ngikwazile ukuphuma emanzini ngaquleka osebeni lwedamu.”

Utholwe ngumalusi wezinkomo ngoMgqibelo ekuseni oye wamsiza ukumbonisa indlela ephindela ekhaya.

Kuthiwa kamuva kuye kwatholakala ukuthi umabonakude webiwe ngumshana ongumlutha wezidakamizwa womunye wabasolwa.

UBongani ushiswe ngesigaba sesithathu futhi usehlezi ecashile.

Okhulumela amaphoyisa ase-Tsakani, uSayitsheni Lerato Mngomezulu, ukuqinisekisile ukuthi baphenya icala lokuzama ukubulala.

“Abasolwa ababili ababoshiwe bavele eNkantolo yeMantshi yase-Tsakani ngoLwesibili kanti bagcinwe esitokisini ukuze kuqhutshekwe nophenyo,” usho kanje.

Izihloko zakamuva