“Usetholakele?” kubuza umfanyana osolwa ngokubulala umfana olahlekile

Kamogelo Muvhenzhe

Ngesikhathi kuduka uTibane Mahanyele ngoMsombuluko, ibhungu ebelihambe naye ekuqaleni kosuku, belilokhu lihlola umndeni ukuthola ukuthi ingabe usetholakele yini.

Umndeni obukhungathekile ngokulahleka kukaTibane, oneminyaka eyi-11, uthole induduzo kulokhu futhi ubuyelwe ithemba lokuthi indodana yawo izobuya iphephile.

Abebengakwazi ukuthi le nsizwa eneminyaka eyi-15 ingumbulali.

Ugcine eboshiwe wabekwa icala lokubulala uTibane, kanye nenye insizwa enguntanga yakhe.

Lesi sigameko sishaqise isigodi esincane sase-Ga-Mamadila e-Moltjie, ngaphandle kwase-Polokwane.

Abafana abasendaweni eyodwa futhi baqhelelene ngezitaladi ezimbalwa komunye.

Abasolwa abasakhula bebethukile ngoLwesibili ngemuva kokuba ucingo lukaTibane lutholakale kubo.

Ngokusho kukamamncane  kaTibane u-Orocia Chokoe, oneminyaka engama-57, umshana wakhe waya esigodini esakhelene ne-Ga-Makweya nabasolwa beyobuka iqembu langakubo abalithandayo ebelidlala emqhudelwaneni webhola owabanjwa ngempelasonto ende.

UThibane akazange aphinde abonakale esaphila. Isidumbu sakhe sitholwe abelusi ngoLwesibili ebusuku, silahlwe ehlathini eliseduze sinenxeba esiphongweni.

UChokoe ukholelwa ukuthi inhloso yabasolwa kwakuwukuphanga umfana omncane umakhalekhukhwini wakhe wakwanokusho i-Huawei lapho bemyenga ukuba baye emdlalweni webhola.

UChokoe uthe, “Umshana wami ubehlezi esekhaya njalo, asazi nokuthi wavuma kanjani ukuhamba nalaba bafana ngoba akakaze adlale nabo. Leli bhungu laze lasikhohlisa lathi uTibane ushiye inkundla yebhola nomalume wakhe owayengekho ngisho e-Polokwane ngempelasonto ende.”

“Ngesikhathi kutholakala isidumbu sikaTibane abasolwa baphika ukuthi bayamazi umshana wami, waqamba amanga wakhombisa ukungazisoli ngisho nangemva kokutholwa kukamakhalekhukhwini,” esho.

Umndeni kaTibane ukholelwa ukuthi wabulawa ndawana thile waphonswa endaweni lapho atholakala khona.

Bobabili abasolwa abancane ababoshelwe ukubulala uTibane bavele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yase-Seshego ngoLwesine, kodwa ukuqulwa kwecala labo akuvulelekile ukuthanyelwa umphakathi.

Izihloko zakamuva