Usesimweni esibucayi esibhedlela uNdunankulu kaZulu

By Celani Sikhakhane

Sekube noshintsho esimweni sempilo kaMntwana wakwaPhindangene uMangosuthu Buthelezi.

Imithombo esondelene noButhelezi itshele i-Scrolla.Africa ukuthi isimo sakhe sibe sibi kakhulu ngoLwesihlanu waze wasuswa ewodini lakhe wayiswa egunjini labagula kakhulu esibhedlela esizimele eThekwini.

“Isimo siya ngokuba sibi kanti nendodana yakhe uMntwana uNtuthukoyezwe neMeya yaseZululand uMfundisi Thulasizwe Buthelezi bebengeneme neze,” kusho umthombo.

“Sonke siyakhuleka sicela ukuthi uNkulunkulu amgcine mhlawumbe kuze kufike ukhetho. Kodwa kubi kakhulu ngoba ngempelasonto ubephefumula ngemishini.”

Isibhedlela esizimele esiseduze neNyuvesi yaKwaZulu-Natal, i-Howard College sesiphenduke undabuzekwayo njengoba kuqhubeka kuvela imibiko ngempilo kaMntwana.

Kunokukhathazeka kokuthi uMntwana, ongundunankulu wesizwe samaZulu angase ahlaselwe yisifo sofuba okwengeza nezinselelo zakhe zempilo.

Okhulumela umndeni uBhekuyise Buthelezi usanda kudalula ukuthi lo mholi useke wabhekana nezinye izinkinga, kodwa wazinqoba.

Imizamo yokumthola ukuze aphawule ayiphumelelanga njengoba izingcingo zakhe bezingaphendulwa.

Ngokunjalo okhulumela uButhelezi, uLiezl Van der Merwe naye akazange ayiphendule abebuzwe yona.

Esithombeni esingenhla: Umsunguli we-IFP uMntwana uMangosuthu Buthelezi usebuyele egumbini labagula kakhulu

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva