Lubhalwe nguSihle Mavuso
Ubhekene nengwadla yokuphelelwa umsebenzi osebenza kwa-Assupol eThekwini KwaZulu-Natal ngenxa yokuthi ikolishi abefunda kulo alisikhiphi isitifiketi sakhe.
UMartin Nkululeko Dweku, (39), uyiswa le nale ikolishi laseMfolozi TVET College njalo uma ecela isitifiketi sakhe.
Ngo-2007-08, uDweku wayeyingxenye yeqembu labasebenzi ababebhaliswe nekolishi ukuze bafundele isitifiketi sezifundo i-wealth management eziphathelene nezezimali.
Lolu hlelo luxhaswe ngezimali yi-Inseta (Insurance Sector Education and Training Authority) injongo yayo eyinhloko kuwukukhulisa iqoqo kanye nekhwalithi yamakhono abalulekile nayivelakancane phakathi kwabantu ababencishwe amathuba phambilini.
Wathi eqeda izifundo zakhe wabuyela emsebenzini, umqashi wakhe wabe esefuna isitifiketi efayilini lakhe.
“Ngabuyela e-TVET College ngayosicela. Banginikeza impendulo eyinqaba yokuthi abalitholi igama lami kusizindalwazi sabo. Kwadingeka ngikhiphe amaphepha amaningi ukuphikisa lokho kodwa bathi ukuphela kwesixazululo ukuqala kabusha ngifundele isifundo esifanayo futhi,” uDweku etshela i-Scrolla.Africa.
Uthi eminyakeni engu-16 kamuva, akakabi naso isitifiketi futhi i-TVET ithule.
I-Inseta isibhalele ikolishi le-TVET izincwadi eziningi ukuze ixazulule lolu daba, kodwa akukho osekwenziwe.
“Ngilahlekelwa kakhulu ngenxa yokuziphatha kwaleli kolishi le-TVET. Angazi ukuthi ngenzenjani manje,” kwengeza uDweku edangele.
NgoMbasa kulo nyaka i-Scrolla.Africa ithinte i-TVET ngalolu daba yathi izoluphenya lolu daba.
Ngesikhathi bebuzwa namuhla ukuthi sebehambe ibanga elingakanani nophenyo, abazange baphendule.
Esithombeni ngenhla: Umfolozi TVET College.
Umthombo: Facebook
