Usekhonjwe indlela umqeqeshi we-England

Lubhalwe nguLucky Maree

Okumangazayo ngokuxoshwa kuka-Eddie Jones ukuthi kwenzeke ngoLwesibili hhayi ngoMsombuluko.

UJones usenesikhathi eside ehleli ngesinqa esisodwa, kodwa ukungenzi kahle kwe-England ku-Autumn Internationals ngesikhathi ihlulwa kwimidlalo emithathu kwemine kwenze kwaba lula kakhulu kubaphathi be-England ukuthi bamkhombindlela. 

Ngesikhathi amaBhokobhoko ehlula i-England kwakungekho ukungabaza ukuthi uJones uzohamba. Nakuba uJones wamemezela ukuthi okwenzekile kube iphutha lakhe kungenzeka kukhona abamzwela, kodwa akuzange kushintshe indlela abaphathi abazizwa ngayo ngokusebenza kwakhe.

UJones wawina izicoco ezintathu emazweni ayisithupha eminyakeni eyisikhombisa ephethe i-England futhi wahola iqembu lafinyelela kowamanqamu weNdebe Yomhlaba ka-2019.

Uphinde adume ngokuhlula amaBhokobhoko okungelinye lamahlazo emlandweni walo mdlalo ngesikhathi esaqeqesha i-Japan eyahlula elakuleli eNdebeni yoMhlaba ka-2015.

Kodwa isimo sabonakala sishintsha ngo-2019 eNdebeni yoMhlaba. Abadlali base-England bavele baphuma enkundleni futhi abakwazanga ukuphinde bazimisele kusukela ngaleso sikhathi.

Ingabe izinyanga eziyisishiyagalolunye zinde ngokwanele ukuba umqeqeshi ahlanganise iqembu elihlezi lishawa?

Abaphathi be-England babeke umqeqeshi wabadlali uRichard Cockerill ukuthi aphathe iqembu okwesikhashana okusho ukuthi okwamanje akekho umholi.

I-England idinga umqeqeshi ngokushesha futhi lesi akusona isikhathi sokuthatha “ongcono kunabanye”. I-England idinga umqeqeshi osezingeni eliphezulu futhi maduze nje.

Isithombe esingenhla ngesika-Eddie Jones

Umthombo wesithombe: @TheTelegraph

Izihloko zakamuva