Usedlala phesheya kwezilwandle owakuleli

Linda Ximba

UBongokuhle Hlongwane ongumgadli weMaritzburg United obeziholela uR10 000, usethole amadlelo ahlaza phesheya.

UHlongwane (21) obehola amakinati  eNingizimu Afrika usezohola imali eningi eMelika lapho esezodlala khona.

Lo mdlali weBafana Bafana usezofeza iphupho lakhe ayelifisa esakhula lokuyodlala phesheya kwezilwandle ngemuva kokusayina inkontileka yeminyaka emithathu neqembu elingaphansi kwe-Major League Soccer (MLS) i-Minnesota United.

UHlongwane uthe namanje akakholwa ukuthi usedlala phesheya.

“Ukube niyazi ukuthi ngivelaphi?! Ayikho intuthuko la engiqhamuka khona, bengidlala kwiligi ye-SAB eqenjini lendawo eMgungundlovu ngaphambi kokuthi ngibonwe yizingqapheli ze-Maritzburg eezingiyisa esikhungweni saleli qembu.

Umqeqeshi u-Ernst Middendorp wathi sengikulungele ukudlala ibhola esigabeni esiphezulu, kwalandela ukubizwa umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos”. kusho yena

UHlongwane uthe walibamba ngezandla zombili leli thuba engazi ukuthi izingqapheli zamazwe omhlaba zimbhekile.

“Kube yisimanga,” kusho lo mdlali.

Njengamanje uHlongwane useGoli ulungisa izincwadi zakhe zokusebenza ne-visa yakhe. Uthe nguMiddendorp nomqeqeshi weBafana uHugo Broos abafake ukuzethemba kuyena.

Emidlalweni eyisishiyagalombili, uHlongwane ushayele uBroos amagoli amabili.

Uthe ukhethe ukudlala eMelika esikhundleni sokuyodlala kwi-Mamelodi Sundowns enemali eshisiwe.

“I-Sundowns yayingifuna kakhulu yaze yathumela uTrott Moloto ukuthi ayokhuluma nabazali bami kodwa abazali bami bahlonipha isinqumo sami sokulandela iphupho lami lokuyodlala phesheya kwezilwandle,” usho kanje.

“Bengingafuni ukuhola imali eshisiwe ngibe ngihlezi ebhentshini le-Sundowns futhi bekuzoba nzima ukuthola ithuba lokungena ohlwini lokudlala  le-Sundowns”.

Isizini ye-MLS iqale ngomhlaka-26 kuNhlolanja izophela ngomhlaka-6 kuMfumfu.

Umthombo wesithombe: @SowetanLIVE

Izihloko zakamuva