Usebuyile emculweni owe-Afro soul

Linda Ximba

Usebuyule umculi we-Afro soul uZamajobe Sithole ngemuva kokuthatha ikhefu leminyaka eyisishiyagalolunye emculweni.

Lo mculi wengoma eyashisa izikhotha ethi “Indawo Yami” uthe wanquma ukuhoxa endimeni yomculo cishe eminyakeni eyishumi edlule ngenxa yempilo yakhe nezothando.

Lo mculi ongowokuzalwa e-Free State uthe ubedinga ukuzifuna yena empefumulweni nokubona ukuthi impilo imyisa kuphi.

Njengamanje uvakashele e-Germany, e-Poland, e-Austria nase-Czech Republic ekhangisa ingoma yakhe ethi “Baba Wethu”. Kanti wagcina ukuqopha ingoma yomculo we-Afro pop ye-jazz ethi “Thula Mntwana ngo-2013.

Ingoma ethi“‘Baba Wethu’ iwumthandazo. Ngikhule ngokukholwa ngaphansi kwebandla likaMfundisi Benjamin Dube. 

Ngifaka umkhuleko engomeni yomdanso ukuze abantu bakwazi ukukhuleka noma ikuphi lapho bekhona,” kusho lo mculi owake wangenela i-Pop Idols.

Uthe iyammangaza indlela abalandeli abamamukela ngayo ngesikhathi esohambweni.

“Ukwamukeleka kube kukhulu. Umcimbi wase-Berlin ubumangalisa futhi angisakwazi ukulinda ukubona ukuthi abantu bakuleli bazojabula kanjani uma ngivakashela izwe lonke.”

Uthe usehlanganise i-jazz neminye imisindo ezingomeni ezikule albhamu entsha.

I-albhamu yakhe yokuqala ethi Ndawo Yami ngo-2009 yamenza wathola udumo ngokushesha njengoba yazuza igolide ngokudayisa amakhophi angu-25 000 futhi yamvulela amathuba njengoba athola ithuba kuma-MTV Europe Music Awards e-Lisbon, e-Portugal ngawo lowo nyaka.

Izihloko zakamuva