Usazozalwa umuntu ozotakula iGoli ebugebengwini: Tembe

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

UTembe wake wathenjelwa ukugcina izakhamizi zaseGoli ziphephile njengelungu lekomiti lemeya elibhekelela ezokuphepha. Uthe izigebengu eziyingozi sezithathe idolobha elingaphakathi.

UTembe osanda kwesula esikhundleni sokuba ikhansela uthe akakazalwa umuntu ozohlenga idolobha laseGoli ebugebengwini.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa esehhovisi lakhe eGoli uthe ukuphela kwendlela yokubhekana nokuwohloka kwedolobha ukuthi kuthathwe izinyathelo ezifanele zamaphoyisa, ezaziwa ngele-block-by-block patrolling, i-zonal policing kanye nokwethulwa kwezinkantolo zomasipala ezizoshushisa abephula umthetho ngokushesha uma beboshwa.

Uthe izinkantolo akumele zigcwale amacala amancane kumele zibhekane nezindaba zobugebengu. Amacala amancane kubalwa kuwo ukuchama, ukukhafula, ukulahla udoti kanjalo namacala okushayela njengokushayela uphuzile kanye nokupaka imoto endaweni engekho emthethweni, ukushayela ngokungacabangi, ukushayela budedengu kanye nesivinini esiphezulu.

“Awukwazi ukugcwalisa izinkantolo ngabephula umthetho kamasipala. Amacala kamasipala kufanele athathelwe izinyathelo ngokushesha futhi ashushiswe engakapheli amahora angu-24. Kungaleyo ndlela abaholi bakwezinye izingxenye zomhlaba abahlanza ngayo amadolobha abo ebugebengwini,” esho.

Uthe ukwethula abaqaphi bomphakathi akusho ukuguqula idolobha libe isifunda samaphoyisa kodwa kusho ukulivikela ezigebengwini eziyingozi.

Uthe ngesikhathi esayilungu lekomiti lemeya waqala iqhinga lokusatshalaliswa kwabantu ezindaweni eziyisisinda zobugebengu nasezindaweni izigebengu ezibalekela kuzo ngokuthi ajube amaphoyisa ukuthi aqaphe aphinde afake

izivimbamgwaqo kulezo zindawo.

UTembe usule kulesi sigungu ekupheleni kukaNhlangulana. Uthe alikho ithemba lokuhlenga idolobha ngenxa yokugcwala kwabasebenzi.

Lokhu kube umphumela wamavoti okungethembani nokuyinto eyenzeka njalo emkhandlwini njengoba amaqembu ebanga izikhundla zokuphatha – futhi kwenza abaphathi bangabinaso isikhathi sokulwa nobugebengu.

UTembe owake waba umphathi wamaphoyisa kaMasipala waseGoli uthe uphuma ezweni lapho umuntu axoshwa khona kuphela ngemuva kokutholakala enecala noma ukungaziphathi kahle emsebenzini – nangemuva kokulandelwa kwemigudu efanele.

“Kodwa kwipolitiki kusebenza ngenye indlela. Uma ungenazo izinombolo emkhandlwini uyaxoshwa. Angikwazi ukusebenza kanjalo. Nginguchwepheshe. Bengingenayo enye inketho ngaphandle kokuthi ngesule esikhundleni,” esho.

UTembe uthe kuyamcasula ukuthi abantu baqokwa ezikhundleni ngoba betshalwe ipolitiki hhayi ngoba benekhono.

“Lapho engiphuma khona sithobela amaqhawe angasekho kuphela. Angikwazi ukucula, angikwazi ukudansa noma ukumasha futhi ngehlulekile ukuphaphatha ngesikhathi ngisayikhansela isikhathi esicishe sibe unyaka. Ngakho nginqume ukuhamba,” esho.

Esithombeni esigenhla: IGoli

Izihloko zakamuva