Usaziwayo nokuqoqwa komnikelo wabashaywe izikhukhula

Sizwe Sibiya

Isihlabani sase-Hollywood, uCharlize Theron, usungule umkhankaso wokuqoqa imali ngaphansi kohlelo lwakhe lwe-Africa Outreach Project ukusiza imiphakathi ekhahlanyezwe yizikhukhula KwaZulu-Natal.

“Ikhaya lami laseNingizimu Afrika libhekene nesikhathi esinzima ngendlela eyisimanga, futhi yize ngazi ukuthi umhlaba usezinhlungwini njengamanje,  kuningi okubuzwa kithi njengezakhamizi zomhlaba, ngiyethemba ukuthi uzokuthola enhlizweni yakho ukuthi usize,” kuncenga umlingisi odabuka eNingizimu Afrika.

“Ngesonto eledlule, izikhukhula ezicekele phansi kakhulu emlandweni zihlasele isifundazwe saKwaZulu-Natal, kwashona abantu abacishe babe ngu-450 kwathi izinkulungwane zasala dengwane,” engeza.

UTheron uqhubekile nokwethula inhlangano yakhe okuyiyona ezobe ibhekele ukuphatha iminikelo.

Njengoba abantu abangaphezu kuka-40 000 besale dengwane eKZN nase-Eastern Cape, uMengameli uCyril Ramaphosa umemezele isimo senhlekelele kuzwelonke ngoMsombuluko, ngemuva kokuthi abakwa-SA Weather Service bebikezele ukuthi kuzoba neziphepho ezinamandla e-North West nase-Free State.

Umthombo wesithombe: @Charlize

Izihloko zakamuva