Usashaqekile unkosikazi nomndeni ngoMbhishobhi uThamsanqa Nkonyane ongcwatshwe ngasese esontweni lakhe

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Inkosi uCosmos Sawela Kubheka kaManzana itshele abakwaNkonyane ukuthi indawo yesonto akusiyona eyabo futhi kumele kumbiwe umbhishobhi kule ndawo.

NgoLwesine iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu inqume ukuthi isidumbu sikaMbhishobhi Thamsanqa Nkonyane simbiwe, ngemuva kokuba unkosikazi wakhe osemthethweni uDolly Nkonyane ethole incwadi yenkantolo yokumisa umngcwabo wokuqala.

UMbhishobhi Thamsanqa Nkonyane ungcwatshwe isinyenyela emagcekeni esonto lakhe Osizweni, ngaphandle kwaseNewcastle kanti unkosikazi wakhe osemthethweni nezingane zakubo bebengazi ukuthi sekwenzekile kwaze kwaba sekuqediwe.

Umngcwabo wenziwa ngoLwesihlanu. Ngosuku olulandelayo, enkonzweni yomngcwabo womphakathi, abantu ababekhala baboniswa ibhokisi. Ngesikhathi amaphoyisa nomndeni belivula, bathola izitini.

Isidumbu salo mbhishobhi bese sivele songcwatshiwe ebandleni lamaChristian Apostolic Holy Spirit Church in Zion (eNyonini Mission) ngaphandle kokwaziswa komndeni wakhe osemthethweni.

Unkosikazi wakhe, uDolly Nkonyane,ashade naye ngokuhlanganyela amafa kusukela ngo-1988. Akazange ahlukane naye. Uthole incwadi evimbela umngcwabo eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngemuva kokuthi yena nezingane zakubo kambhishobhi bevalelwa ngaphandle kwazo zonke izinhlelo. Lawo malungiselelo, ngokwamaphepha asenkantolo, enziwe ngabaphathi bebandla noPriscilla Sizeni Mazibuko, owesifazane uNkonyane ubehlala naye eThekwini ngesikhathi eshona.

Manje umndeni usunencwadi yesibili yenkantolo. NgoLwesine iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ikhiphe isinqumo sokuthi isidumbu singambiwa. Omele ibandla nomndeni uThokozani Zulu ukuqinisekisile ukuthi bazoqhubeka nokumbiwa kwesidumbu.

Kodwa kukhona enye inkinga. Indawo okwangcwatshwa kuyo umbhishobhi akusiyona eyebandla noma eyakwaNkonyane.

Ingena ngaphansi kwenkosi uCosmos Sawela Kubheka waseManzana, ohlanganise indawo yaseManzana kanye ne-Osizweni entshonalanga neNewcastle.

Inkosi uSawela ithe isibikelwe ngokushona kombhishobhi nezinhlelo zokungcwatshwa kwakhe yakwenza kwacaca ukuthi ibandla lithini zisuka nje.

“Ngesikhathi ibandla nommeli womndeni wakwaNkonyane beza kimi bezongazisa ngokudlula kwakhe emhlabeni nangezinhlelo zokungcwatshwa kwakhe, ngabacacisela ukuthi zintathu izindawo zokungcwaba abangakhetha kuzona.

“Ngithuke sengizwa kuthiwa bamngcwabe isinyenyela emagcekeni esonto.

Kumele bamgumbe ngoba akusiyo indawo yokungcwaba futhi leyo ndawo akusiyo eyakwaNkonyane. Ingaphansi kwesizwe sami,” kusho iNkosi Sawela.

Uphenyo lokukhwabanisa seluyaqhubeka. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukuthi icala livulwe wumndeni wakwaNkonyane elibhekene noMazibuko kanye nenkampani Icebolethu Funeral Group, okuyinkampani ephethe isidumbu ngaphambi kokuba kungcwatshwe ngokuyimfihlo.

Icebolethu lithe lidlulisele amathambo kambhishobhi emalungwini omndeni ngokwenqubo yalo futhi okwenzeka ngemuva kwalokho akukho ngaphansi kwamandla alo.

Esithombeni esingenhla: Igceke lesonto Osizweni, ngaphandle kwaseNewcastle, lapho uMbhishobhi uThamsanqa Nkonyane weChristian Catholic Apostolic Holy Spirit Church in Zion (eNyonini Mission) angcwatshwa isinyenyela kanti manje kuzombiwa.

Umthombo wesithombe: Icebolethu TikTok

Izihloko zakamuva