Igcwele intukuthelo kwimndeni ekhokha u-R5 000 ngonyaka ukuzibekela indawo yokungcwatshwa

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Imindeni eminingi ithi iLala Kahle Memorial Park eBotha’s Hill idayisele abanye abantu izindawo zabo ngaphandle kokubatshela noma ukubabuyisela imali.

Omunye umndeni wawukhokha u-R5 000 njalo ngonyaka ukugcina indawo yokungcwatshwa, uthole ukuthi isinikezwe omunye umuntu bengazi.

Amathuna aKwaZulu-Natal okuthiwa abiza imali efinyelela ku-R50 000 abhekene nezinsolo zomkhonyovu emindenini ethi izindawo zawo zokungcwatshwa ezithengwa ngaphambilini zidayiselwe abanye abantu bengazi.

ILala Kahle Memorial Park eBotha’s Hill, entshonalanga yeTheku, ingenye yendawo yamathuma ezimele futhi eqavile esifundazweni. Kungcwatshwe khona inkakha yomculo wokholo uSfiso Ncwane, isihlabani sowokholo uDeborah Fraser nowayenguNdunankulu waseKZN uLionel Mtshali. Amathuna asungulwa ngusomabhizinisi ongasekho uMnuz Don Mkhwanazi aphethwe yi-Acetowise Investments.

Imindeni eminingi itshele uScrolla ukuthi bathole iziza zabo sekukhona abantu abangabazi. Omunye umndeni waKwaNyuswa uthe ukhokha u-R5 000 njalo ngonyaka ukugcina indawo yawo, uthole ukuthi isinikwe omunye umuntu. Bafuna ukwazi ukuthi imali yabo yashonaphi.

“Ngesikhathi umama edlula emhlabeni satshelwa ukuthi ithuna lakhe alisekho ngoba labelwa omunye umuntu ngaphandle kwemvume yethu,” kusho ilungu lomndeni.

“Lokhu kuwukukhwabanisa okusezingeni eliphezulu futhi sithukuthele kakhulu.”

Umndeni wesibili uthe uthole ngesonto eledlule ukuthi isiza sabo sesisetshenziselwa omunye umuntu. Bahlela ukuvula icala lobugebengu ngempelasonto.

NgoNcwaba ka-2025, umndeni ohlukene owawuvakashele emathuneni wathola ukuthi indawo owawuyithenge ngo-2015 eduze kwethuna likayise yayisisetshenzisiwe kungachazwanga.

Eminye imindeni ifuna kumbiwe izidumbu ukuze izihlobo zayo zingcwatshwe emagcekeni abawakhokhele.

Abanye bazifake izikhalo zabo ezinkundleni zokuxhumana.

Imindeni ithi iphinde yaphoqeleka ukuthi ithenge amatshe amathuna kumthengisi oxhunywe emathuneni ngesikhathi kuhlelwa imicimbi yokwembulwa.

Omele amathuna uPatrick Sibiya ucele uScrolla ukuthi athumele imibuzo nge-imeyili. Uvumile ukuthi uyitholile kodwa akazange aphendule ngaphambi kokuthi kushicilelwe.

Eziphendulela phambilini ngezikhalo ezifuze lesi, uSibiya uthe badinga omazisi babamangali nemibhalo ukuze kuphenywe.

La mathuna avulwa ngokusemthethweni ngo-2012 nguNgqongqoshe woHulumeni ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomsa Dube-Ncube kanye neMeya yeTheku uMnuz James Nxumalo.

Esithombeni esingenhla: Ipaki iLala Kahle Memorial Park eBotha’s Hill, entshonalanga yeTheku, ibhekene nezinsolo zokukhwabanisa emindenini ethi izindawo zayo zokungcwaba ebezigodliwe zidayiselwe abanye abantu.

Umthombo wesithombe: Lala Kahle

Izihloko zakamuva