Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uNhlanhla Mkhwanazi kanye nenhloko yezobuNhloli uDumisani Khumalo baye esiteshini samaphoyisa eBrooklyn ngoLwesine ngemuva kokuba i-IDAC ibabizele amasamanisi.
Ummeli kaKhumalo, uJames Ndebele, uthi i-IDAC idlale nekhasimende layo, basala belinde esiteshini samaphoyisa ngezindleko ezinkulu.
I-IDAC ibinamaphepha okuboshwa aselungile. Ngemuva kwalokho izikhulu eziphezulu ngaphakathi kophiko zatshela abaphenyi bazo ukuthi bahlehle.
Lokhu kuvezwe yithimba labammeli beNhloko yezobuNhloli uDumisani Khumalo, ofike esiteshini samaphoyisa eBrooklyn ngoLwesine ehamba noKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uNhlanhla Mkhwanazi ngemuva kokubizelwa uphiko oluphenya inkohlakalo kuPhiko Lwezokushushisa kuZwelonke.
Ngesikhathi befika abaphenyi babatshele ukuthi izikhulu eziphezulu ze-IDAC zibayalela ukuthi bangawakhiphi amaphepha.
Ummeli kaKhumalo, uMnuz James Ndebele, uthe ikhasimende lakhe beliphethwe kabi.
“Kuyangixaka ukuthi amakhasimende ami aphume ngezindleko ezinkulu ukuthi ummeli aye nawo esiteshini samaphoyisa, i-IDAC ifike ikhulume olunye udaba,” kusho uNdebele.
UMkhwanazi uthe uqale ukuzwa ngomngani wakhe ukuthi i-IDAC ihlela ukumbopha. Akazange ayithathele phezulu kwaze kwathiwa naye uKhumalo akaziveze.
Ukhomishana uthe akazisho ukuthi ungaphezu komthetho.
“Asisho ukuthi asiphenywa. Uma kukhona esingakwenzanga kahle, nakanjani kumele benze umsebenzi wabo, futhi uma kunencwadi egunyaza ukuboshwa, mbopha lowo muntu,” esho.
UMkhwanazi usefuna izimpendulo manje. Uthi i-IDAC kumele ichaze ukuthi kungani ibabizele amasamanisi yase ihluleka ukuzenzela umathanda.
Akucaci ukuthi uphenyo lumayelana nani noma ngubani okhiphe umyalelo wokuthi kugcinwe amaphepha agunyazayo.
IDAC ikhiphe isitatimende esifushane iqinisekisa ukuthi uKhumalo ubengakaboshwa. Ayizange ikhulume ngama-warrant.
UMkhwanazi uphakamise ukuthi amasamanisi angase axhunywe ophenyweni oluhlukile i-SAPS ibhekene nezikhulu ezintathu ze-IDAC. I-IDAC ayikaphenduli kuleso simangalo.
Osesithombeni esingenhla: UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uNhlanhla Mkhwanazi.
Umthombo wesithombe: SAPS
