URihanna nesinqandamathe sakhe balindele izibulo labo

Dylan Bettencourt

Zisematheni ezinkundleni zokuxhumana, izindaba zokuthi umculi we-pop ophinde abe isihlabani semfashini uRihanna nesoka lakhe, umrepha u-A$AP Rocky, balindele ingane yabo yokuqala.

Izithombe zalo mculi oneminyaka engu-33 ubudala eveze isisu sakhe ekhulelwe emigwaqeni yase-New York ngesikhathi ehamba nesoka lakhe, zikhishwe ngumthwebuli wezithombe waseMelika owaziwayo uMiles Diggs. UDiggs ukhiphe izithombe zabo echaza ukuthi lo mculi ukhulelwe ngempela. 

URihanna no-A$AP Rocky babejabulele ukuchitha isikhathi ndawonye  cishe eminyakeni eyishumi edlule kodwa amahlebezi okuthi bayathandana avela ngoMasingana ngonyaka ka-2020. NgoZibandlela walowo nyaka baqinisekisa ukuthi bayizithandani.

Kwake kwaba namahlebezi okukhulelwa esikhathini esedlule lapho bobabili uRihanna noRocky baphawula ngesifiso sabo sokuba abazali ngolunye usuku.

Umculi we-Diamonds watshela i-British Vogue ngoNdasa ngonyaka ka-2020 ukuthi impilo imfushane, ngakho-ke isitshintshile  indlela  aphila ngayo impilo yakhe.

Uthe uzibona enezingane ezintathu kwezine eminyakeni eyishumi ezayo, kungakhathalekile ukuthi unaye ahlekisana naye noma cha.

“Ngizizwa sengathi umphakathi ufuna ukuthi ngizizwe engathi ngenze iphutha. Bakwenza uzibukele phansi wena njengomama uma engekho ubaba ezimpilweni zezingane zakho,” kusho uRihanna.

Kodwa-ke, lokho kungase kungabi njalo kuRihanna njengoba uRocky esho engxoxweni ne-GQ ukuthi uthole uthando lwempilo yakhe kumculi wase-Barbadian.

Lo mrepha uthe impilo yakhe isingcono kakhulu njengoba esethole uthando kuRihanna.

“Kumnandi kakhulu uma uthole ubambolwakho. Cishe akekho onjengaye, nanokuthi inhliziyo iyazi fun bank,” kusho uRocky.

UDiggs, owazise abantu ngokukhulelwa kwalomculi, usebone lesi sthombe asifake ku-Instagram sithandwa ngabantu abangu-500,000 selokhu abelana ngalo mbhalo ngoMsombuluko ntambama.

Umthombo wesithombe: @EconomicTimes

Izihloko zakamuva