URamaphosa uxegise imithetho yomvalelo

Zukile Majova

UMengameli uCyril Ramaphosa wehlisele iNingizimu Afrika esigabeni sokuqala somvalelo  kulandela ukwehla okuqhubekayo kwesibalo sabahaqwa yi-Covid-19 kanye nabalulumayo kuleli gciwane.

Ekuqaleni kukaNdasa lesi simemezelo sinikeza ithemba ezigidini zamaKristu aphuthelwe yimpelasonto Engcwele yePhasika izolo ebusuku ngenxa yokuqubuka kwegciwane le-coronavirus.

Isimemezelo eMhlanganweni Womndeni wakamuva sisho ukuthi imibuthano yomphakathi, imibuthano yezenhlalo neyezenkolo iyavunyelwa kanye nezindawo zivunyelwe ukufaka abantu abafika kumaphesenti angama-50.

UMengameli uthe, “NgoLwesihlanu oluzayo sizogubha unyaka owodwa selokhu kwabikwa ukuqubuka kokuqala kwe-coronavirus eNingizimu Afrika.

“Kusukela lapho, abantu abangaphezu kwesigidi nohhafu eNingizimu Afrika sebethelelekile kanti cishe abantu abayi-50 000 kubikwe ukuthi babulawe yileli gciwane.”

URamaphosa ubuye wamemezela nezinhlelo zokugoma izigidi zabantu ngaphambi kokuphela kowe-2021, njengoba abahlengikazi abayi-67 000 sebevele begonyiwe.

Kusukela ngesonto elizayo, inani lezindawo ezizosetshenziswa ekugomeni lizokhuphuka lisuke kweziyi-17 liye kuma-49.

“Kulezi zindawo ezingama-49, ezingama-32 zizoba sezibhedlela zikahulumeni bese eziyi-17 zibe ezibhedlela ezizimele.

“Lokhu kufaka nezindawo zasemakhaya ukuze kwenziwe ngcono ukutholakala komgomo kubasebenzi bezempilo basemakhaya.”

Izwe lisayine isivumelwano ne-Johnson & Johnson sokuthola imithamo eyizigidi eziyi-11.

“Kule mjovo ezofika, imijovo eyizigidi ezingu-2.8 izolethwa ngekota yesibili bese kuthi eminye isabalaliswe ekuhambeni kwesikhathi salonyaka.

Sithole nemithamo eyizigidi ezingama-20 kwa-Pfizer, ezokhishwa ngekota yesibili.

Ngaphezu kwalokho, sithole imithamo yokugoma eyizigidi eziyi-12 esikhungweni se-COVAX futhi sisemkhankasweni wokuphothula isabelo sethu semithamo yokugoma ku-African Union.”

Ukwehlela ezingeni loku-1 lomvalelo we-Covid-19 nakho kunemithelela elandelayo:

1. Ukudayiswa kotshwala kuvunyelwe. Abukho utshwala obuzodayiswa ngesikhathi sokubuyela ekhaya.

2. Ukugqokwa kwezifonyo zendwangu noma ukumboza amakhala nomlomo kusadingeka.

3. Isikhathi sokubuya ekhaya sisuka phakathi kwamabili kuya kwihora le-4 ekuseni. Ngaphandle kwabasebenzi abavunyelwe, akekho umuntu okufanele abe ngaphandle komuzi wakhe ngesikhathi sokubuya ekhaya.

4. Ukuhlangana kuvunyelwe. Imibuthano yasendlini ayinakudlula amaphesenti angama-50 eskalo sendawo esize sifike kubantu abayi-100.

5. Imibuthano yangaphandle ayingeqi kumaphesenti angama-50 eskalo sendawo njengoba kuvumeleke abantu abafinyelela kuma-250.

Umthombo wesithombe: @CyrilRamaphosa

Izihloko zakamuva