URamaphosa uphambili emugqeni wokugoma

Arthur Greene

UMengameli uCyril Ramaphosa ubengomunye wabokuqala eNingizimu Afrika ukugonywa ngemuva kokuba imishanguzo ye-Covid-19 iqale ukukhishwa ngoLwesithathu.

URamaphosa, kanye noNgqongqoshe Wezempilo uZweli Mkhize, bathole umuthi wabo wokugoma i-Johnson & Johnson esibhedlela i-Khayelitsha District eKapa.

Uthe ekuqaleni ubethukile ngenaliti ende ezofakwa engalweni yakhe.

“Kodwa kwenzeke ngokukhulu ukushesha, kalula nje, bekuwukuhlaba nje emzimbeni wami futhi angibuzwanga ubuhlungu obukhulu,” kusho uRamaphosa ngemuva kokugoma.

“Kungijabulisile ukuthi abantu abahlanu abagonywe ngaphambi kwami, bekungabasebenzi bezempilo.”

UZoliswa Gidi-Dyosi, ongumhlengikazi osebenza ewodini lababelethayo, ube ngumuntu wokuqala ezweni ukuthola le-jab.

Kodwa-ke, abaningi sebeqalile ukubuza ukuthi kungani uMengameli, kanye noNgqongqoshe wezeMpilo, bekwazile ukuthola ama-jabs abo ngaphambi kwabasebenzi bezempilo bezwe abasemgqeni wokuthola umuthi wokugoma kuqala.

E-Western Cape, lapho isibhedlela i-Khayelitsha District sikhona, ithole imithamo eyizi-13,000 kweyizi-80,000 efike esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo e-Johannesburg ngoLwesibili ebusuku, ezonikezela ngemithi yokugoma cishe kubasebenzi bezempilo abayi-10% eNtshonalanga Kapa.

Kunokungabazeka okuncane kokuthi uRampaphosa noMkhize baweqile umugqa wabantu ababezogoma.

UNgqongqoshe Wezempilo e-Western Cape uNomafrench Mbombo ubekhona ngenkathi kunikezwa le mithi yokugoma kodwa uthe ubengayelanga ukuyogonywa.

“Ngingabeqa kanjani-ke abantu abasemgqeni?” ebuza izintatheli ngaphandle kwasesibhedlela.

Kodwa-ke, uhulumeni kuzomele akubheke ukuthi abaholi bezwe kumele babe phakathi kwabokuqala ukuthola umuthi wokugoma ukuze bandise ukwethembeka komuthi wokugoma kubantu.

Abantu baseNingizimu Afrika abawethembi umuthi wokugoma ukwedlula abantu bakwamanye amazwe kanti abaholi bomhlaba abaningi, njengoMengameli uBiden noPope Francis, nabo sebenayo i-jab. Usomabhizinisi uJohann Rupert uhambele umtholampilo e-Switzerland ngendiza wafika wabaphambili emugqeni. Ungumnikazi womtholampilo.

Umthombo wevidiyo: Youtube

Umthombo wesithombe: @CyrilRamaphosa

Izihloko zakamuva