Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Ezobukhosi :Ukukhothama kweSilo samaNdebele uMakhosonke Mabhena II kushiye imibuzo yokuthi ngabe indlu yakwaNdzudza izovuma yini ukuhoxa esihlalweni sobukhosi isibuyisele endlini kaManala.
Lobu bukhosi bubhekene noqhekeko olubi olwaqala emandulo ngesikhathi kukhothama iSilo esidala uMuzi.
Kuthiwa wakhothama engazange aqoke ngisho oyedwa kumadodana akhe ukuthi ubani ozongena esihlalweni.
INgonyama uMuzi kuthiwa amadodana akhe amabili okwabe kunguNdzudza noManala, bavele balwa bebanga isihlalo maqede baphuma izizwana zabo.
UNdzudza kuthiwa waphuma wayokwakha ubukhosi bakhe eshiya uManala ekhaya.
Lo mbango uqhubeke ngeminyaka yawo-16th century nokuze kwathi ngonyaka ka-2003, owayenguMengameli wezwe wasungula ikhomishana kaNhlapho ukuba iphenye .
IKhomishana kaNhlapho yathola ukuthi empeleni ubukhosi kwakungobukaManala njengeNkosana yasendlini enkulu.
Embikweni wayo yenza izincomo zokuthi ngoba abendlu kaNdzudza okuyiSilo uMbusi Mahlangu II usevele ukhona esihlalweni, akangabe esasuswa kodwa uma edlula emhlabeni, akekhonoseyomlandela. Kunalokho sekuyomele babuyele endlini enkulu kaManala bayokhonza ngaphansi kweSilo uMabhena II esisanda kukhothama kuleli sonto.
Kodwa akucaci ukuthi ngabe lokho kuyokwenzeka yini njengoba kuthe ngonyaka ka-2017 iSilo uMbusi Mahlangu baphikelela enkantolo beyophikisa ikhomishana kaNhlapho kodwa icala labalahla.
Kuze kubemanje akwazeki noma bayayingena yini indaba yokuyokhonza kuMabhena weSibili njengeSilo sabo.
