Uphonswe esitokisini umqeqeshi ngemuva kokunukubeza abafana bebhola

Lubhalwe nguSihle Mavuso

Umqeqeshi webhola likanobhutshuzwayo oneminyaka engu-57 ubudala ophinde abe nguthisha wezifundo zeBhayibheli uboshiwe ngezinsolo zokudlwengula abafana abancane abebeseqenjini lakhe.

Lezi zigameko zenzeke e-Waterloo eThekwini ezinyangeni ezimbili kulo nyaka.

Abagilwa baneminyaka ephakathi kweyishumi no-14 ubudala. Ngokusho kwe-Woman Pact Foundation, isibalo sabagilwa abebenukubezwa ilo mqeqeshi singase sifinyelele ku-40.

“Ngesikhathi umphakathi uzwa ngalezi zinsolo ezinyantisayo, udinwe wagana unwabu, wazibambela mathupha ngokuthatha umthetho ezandleni zawo, washaya umsolwa kanzima,” kufundeka isitatimende esikhishwe yinhlangano.

“Laba bafana … kusolwa ukuthi bangabagilwa balokhu kunukubezwa ngendlela engacabangeki. Ubumsulwa babo buthathwe othile obekufanele abe umvikeli nomqondisi kubo. 

“Lokhu kungaphezu kobuhlungu nokudabukisa—kuyinhlekelele egadla enhliziyweni yawo wonke umzali, nakuwo wonke amalungu omphakathi.” 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukuboshwa kukasolwa wathi uzophinde avele enkantolo ezinsukwini ezizayo.

“Amaphoyisa ase-Verulam abophe owesilisa oneminyaka engu-57 ngamacala amahlanu okudlwengula kulandela isigameko lapho umsolwa esolwa ngokudlwengula abafana abahlanu e-Waterloo.

“Idokodo lidluliselwe e-Phoenix Family Violence, Child Protection and Sexual Offences ukuze kuqhutshekwe nophenyo.”

Esithombeni ngenhla: Abagilwa abafakwe umqeqeshi eqenjini lakhe lebhola.

Umthombo: stgsoccerskills.com

Izihloko zakamuva