Uphethiloli uzobe ubiza imali engama-R20 ilitha ngalinye ngesikhathi samaholidi kaZibandlela

Dylan Bettencourt

Intengo kaphethiloli ibilokhu inyuka unyaka wonke kanti futhi ukunyuka ngama-81c kuzonyusa intengo ibe ngaphezu kwemali engama-R20 ilitha ngayinye kanti udizili uzonyuka ngama-72.5c ilitha.

UMnyango Wezokumbiwa Phansi Namandla umemezele lokhu kwenyuka okuzoqala ukusebenza ngoLwesithathu.

Uhulumeni uthi izizathu ezinkulu ezidala lokhu kunyuka, ukwehla kwamandla erandi uma liqhathaniswa nedola kanye nokwenyuka kwentengo kawoyela.

Intengo kawoyela inyuke isuka kumali engama-$82.50 ngoMandulo yaya kuma-$83 umphongolo ngoLwezi.

UMnyango uthe sizobona amanani entengo kaphethiloli nakwamanye amazwe amaningi abhekene nezinkinga ezifanayo.

Lokhu kwenyuka kuza ngesikhathi sokuhamba kakhulu kwabantu eNingizimu Afrika lapho isiminyaminya sezimoto siba sikhulu ngesikhathi samaholidi.

Intengo kaphethiloli ibilokhu inyuka njalo ezinyangeni eziyisithupha ezedlule. Intengo kaphethiloli igcine ukukhuphuka ngenyanga edlule lapho inyuke ngemali engaphezudlwana kwe-R1 ilitha.

Lokhu kukhuphuka kuzokwenza ukuthi iNingizimu Afrika iqophe umlando omusha wentengo kaphethiloli okwesine kulezi zinyanga ezinhlanu ezedlule.

NgoMasingana uphethiloli unyuke wafinyelela kumali eyi-R14.99 ilitha, okusho ukuthi unyuke ngama-R5 esikhathini esingaphansi konyaka nokubukeka uzolokhu unyuka kuze kube  unyaka omusha.

Umthombo wesithombe: @IOL

Izihloko zakamuva