Uphenyo ngenkohlakalo eyenzeka kuma-olympics

Dylan Bettencourt

Iziphathimandla zase-Japan bezilokhu zigasela izinkampani okuthiwa zikhokhe izigidi zamarandi kumohathi wama-olympics ase-Tokyo.

Abashushisi sebeqale uphenyo mayelana nenkohlakalo okungenzeka ihlobene nemidlalo yama-olimpiki angonyaka odlule.

Isikhulu sekomidi elihlelayo uHaruyuki Takahashi uboshwe ngenyanga edlule ngezinsolo zokuthola u-R6.2 million kumdidiyeli wezimpahla zokugqoka ukuze axhase le midlalo enelungelo lokukhiqiza izimpahla zomcimbi.

Ngesikhathi amaphoyisa epheka ngemibuzo isikhulu se-Aoki Holdings savuma ukuthi safumbathisa uTakahashi futhi sakhokhela owayenguNdunankulu uYoshiro Mori u-R250,000.

Akazange aveze ukuthi kungani afumbathisa uNdunankulu, kodwa utshele amaphoyisa ukuthi inkampani yanikeza uMori imali kabili ngesikhathi esengumphathi wama-olimpiki.

I-New York Times ibike ukuthi uMori waphoqeleka ukuthi ashiye isikhundla sakhe njengomphathi wama-olimpiki e-Tokyo kulandela ihlazo lokukhuluma ngobulili.

Okunye ukufumbathiswa selokhu kwadalulwa, imibiko yase-Japan ethi inkampani yokushicilela i-Kadokawa ikhokhele u-R8.5 million kumngane kaTakahashi okukholakala ukuthi isithathe ingxenye yemali.

Abashushisi baphinde baveza ukuthi inkampani ebizwa nge-Daiko Advertising yakhokha u-R3.1 million kulesi sikhulu. I-Daiko ibinomthwalo wemfanelo  bekumele inxenxe abangaba abaxhasi bomcimbi.

Abashushisi kusamele banqume ukuthi bazomkhokhisa yini uTakahashi ngeqhaza alibambile ekusolweni kwenkohlakalo yemidlalo ebambezelekile.

Ama-olimpiki abehlelelwe unyaka ka-2020, kodwa ukubambezeleka okuphoqelekile ngenxa ye-Covid-19 kwahlehliselwa nyakenye. 

NgoNhlangulana odlule ikomidi elihlelayo lase-Tokyo labika ukuthi le midlalo idle izwe u-R171 billion okuphindeka kabili isibalo sasekuqaleni. Nokho imibiko ikhomba ukuthi isibalo sangempela siphezulu kakhulu.

Umthombo wesithombe:@TheNewYorkTimes

Izihloko zakamuva