UNyovest ufuna ukuziphindiselela kuNaakMusiq

Linda Ximba

Umlingisi ophinde abe ngumculi uNaakMusiq uvale abagxeki umlomo ngokushaya uzakwabo uCassper Nyovest emdlalweni wesibhakela i-Celeb City obubanjelwe e-Sun City ngoMgqibelo ebusuku.

Ngaphambi komdlalo obubhekwe ngabomvu wemizuliswano emihlanu, uNyovest, ogama lakhe langempela uRefiloe Phoolo, ubebanga umsindo ofanele futhi ehlezi azisa umphakathi ngokufaka amavidiyo akhe eziqeqesha kanzima futhi ezilungiselela lo mdlalo.

Ngaleso sikhathi uNaakMusiq, ogama lakhe langempela u-Anga Makubalo, ubethule, njengoba wakhetha ukungakhulumi ukuze azibonakalise eringini.

Impela! Uvele wakubonisa lokho abekwenza ngasese!

Abaningi ezinkundleni zokuxhumana bebecabanga ukuthi umrepha obezethemba kakhulu uNyovest uzowina.

Kodwa ngaphambi kwalempi, abalandeli balindiswe “imizuzu eminingi” njengoba isikhathi sokuqala kwempi besilokhu sihlehliswa.

Kodwa ngesikhathi sesifika isikhathi sokuqala impi, bekufanelekile ukulinda njengoba bobabili osaziwayo bezinikele eringini, bashiya abalandeli bejabule futhi benelisekile.

Ngemuva kwempi ethokozisayo, uNyovest uye wahlulwa.

Uveze ku-Twitter ukuthi ufuna impinda.

“Ngiyakubongela ndoda, unzima ngiyakuvuma sesiyobonana kwimpinda!!!” ebhala.

Eziphendulela ngemuva kwempi uNaakMusiq uthe: “Kungaba kuhle ukuthola elinye ithuba lokwenza lokhu futhi. Kungasigqamisa kakhulu isibhakela futhi mhlawumbe izingane zingalangazelela ukuba ngabashayisibhakela esikhundleni sokuba ngabaculi.”

Umthombo wesithombe: @TimesLIVE

Izihloko zakamuva