Unyaka impela lo! Impilo impela le!

Labo bafana abanemicabango yothando ngalo mculi onesiphiwo uSho Madjozi bangafuna ukuqondiswa kwi-mixtape yakhe yakamuva ethi What A Life, ekhishwe ngoLwesine.

Kwenye ingoma ethi “Jamani” ukubeka kucace ukuthi ufunani endodeni.

Ungasiceli ukuthi siyipele. Lalela ingoma bese uyakuthola.

I-mixtape ekhuphukayo ifika nje ngesikhathi sesizini yephathi – noma ngabe ubumnandi buzoncishiswa kulo nyaka yi-Covid.

Izingoma zakhe uzenza ngokubambisana nabaculi abaningi baseNingizimu Afrika kubalwa kubo uManu WorldStar, uDkt Thomas Chauke, uMakhosi, uDJ Mfundhisi, uRussian Army noSunglen Chabalala.

Kule albhamu ucula ngothando kanjalo nangamahlazo osopolitiki baseNingizimu Afrika abakhohlakele.

Njengoba esekhipha icwecwe lesibili ngokusemthethweni lomculi/ umlingisi / imbongi kulandela i-albhamu yakhe yokuqala eyaphumelela kakhulu kowezi-2018 i-Limpopo Champions League.

Ingoma eyaphuma yodwa ethi-John Cena , emayelana ne-wrestler ekhokhelwayo, kwabayingoma eshisa izikhotha.

USho Madjozi (ogama lakhe langempela uMaya Christinah Xichavo Wegerif) waziwa ngama-braids akhe, enziwe e-Tuareg ngabantu base-Sahel, kanti ezingomeni nasezitayeleni lakhe ulwela isiko lakhe lesiTsonga.

Ungomunye wabaculi baseNingizimu Afrika odume emhlabeni jikelele. Emasontweni ambalwa edlule  usayine ilebuli enkulu yaseMelika, i-Epic Records.

Umthombo wesithombe: @TeknoOficial

Umthombo weculo: rehabmusik.com

Izihloko zakamuva