UNtuli uthi ayikho inzondo ebhekiswe kuma-Afrika kodwa kuliwa nabangenamaphepha ezweni

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli ukhuza izakhamizi ukuba zingaphelelwa umoya wobuntu ngenxa yokucasulwa abokufika kuleli abangenamaphepha.

UNtuli ukusho lokhu ekhuluma embuthanweni obuhanjelwe izinhlaka ezahlukene okubalwa amaPhoyisa, abeMarch and March nezikhulu zeMnyango eyahlukene kaHulumeni ngoLwesine eThekwini.

Uthe kubalulekile ukuba umoya wobuntu ungapheli futhi nabasemikhankasweni yokukhipha abokufika kuleli ngokungemthetho kodwa inhlonipho nobu-Afrika bangakukhohlwa.

“Inselelo esibhekene nayo akusiyona inzondo ngama-Afrika noma abakwamanye amazwe abakuleli kodwa sinenqginamba mayelana nokusibhekana nendlela yokunqanda labo abangena kulelizwe ngokungemthetho.Inselelo lena engabhekene nje nelakuleli kuphela kodwa amazwe amaningi emhlabeni akule nkinga esinayo nathi lapha ekhaya,,” kusho uNtuli.


Lo mhlangano uzangemumva kokuthi iMarch and March ikhuza umhlola ngokugcwala kwabantu bakwamanye amazwe kuleki ngokungemthetho.
Umholi wale nhlangano uNkk Jacinta maNgobese-Zuma utshele lo mhlangano ukuthi akukho nolulodwa usuku lapho bekebasabisa ngokuchitheka kwegazi nodlame.
Uthe ngakho kuyabamangaza ukuthi babone sekunabantu abanovalo lokuthi ngomhlaka-30 kuNhlangulana kuzobheduka izwe, kushawe abokufika abangenamaphepba.

Ukusho lokhu nje uHulumeni usebeke eceleni imali ebalelwa ku-R600 million yokujuba umbutho wamaPhoyisa nowezokuVikela ukuba baqaphe ngelokhozi izibhelu ezingasuka mhlaka-30.
Ngisho uHulumeni kazwelonke usencenge iSilo uMisuzulu kaZwelithini ukuba sidambise ulaka labantu baseKZN abasatshwayo ukuthi bancinzelwa igazi ngendaba yabantu bokufika abakuleli ngokungemthetho.

Izihloko zakamuva