Unozinti we-Pirates uphephile ngemuva kokudunwa kwemoto

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Uphephile unozinti we-Orlando Pirates, uMelusi Buthelezi kulandela isigameko esishaqisayo sokudunwa kwemoto ngoLwesine ebusuku eThokoza, eKurhuleni, eGauteng.

Isikhulu seqembu uThandi Merafe uthe: “Yebo, kuyiqiniso unozinti wethu uMelusi Buthelezi uke wabandakanyeka esigamekweni sokudunwa kwemoto izolo ebusuku. Umdlali uphephile futhi akalimalanga kanti nathi siyajabila ukuthi uphephile. Njenge qembu siyacela ukuthi uMelusi anikwe ithuba lokululama kulesi sigameko esibuhlungu,” kubika i-Citizen.

UButhelezi ungene kwi-Pirates kusukela kuqale isizini ka-2023-24 ye-DStv Premiership ngemuva kokujoyina esuka kuTS Galaxy.

Lo mdlali oneminyaka engu-25 ubudala uthole ithuba lokuzazisa eqenjini ngemuva kokulimala kukaSipho Chaine ngonyaka odlule ngesikhathi bedlala neCape Town Spurs.

Akukhona okokuqala uButhelezi ebhekana nesigameko esifuze lesi.

Ngesikhathi edlalela iTS Galaxy, uButhelezi wathola amanxeba okugwazwa ngesikhathi kudunwa imoto ehamba nomfowabo ngo-2022.

Osesithombeni esingenhla: UMelusi Buthelezi.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva