UNorma uzimisele ngokwethula ubufakazi kwikhomishana ngoGigaba

Lungani Zungu

Uthando olwaluvutha amalangabi phakathi kukaNorma Mngoma kanye noMalusi Gigaba lungenelwe ngamanzi endlini.

UMngoma usole uGigaba ngokwenzisa okwengane, ngokuzama ukuvala ubufakazi bakhe kwikhomishini Yokulawulwa Kombuso Yindlanzana ngoLwesihlanu.

“Lokhu akwamukelekile. Akufanele kube kanjena. Ngiyazibuza ukuthi kungani (uGigaba) ethukile.”

Ukusho lokhu ngesikhathi enengxoxo ne-Scrolla.Africa ngoLwesine.

UMngoma angeke ahoxhe ukwethula ubufakazi bakhe.

Ekhathazekile ngokuthi imisebenzi yakhe eyimfihlo ayesebenza ngayo nabakwaGupta izodalulwa, uGigaba unxuse ikhomishini ukuthi ubufakazi bukaMngoma bethulwe ngasese.

Kodwa lowo owayengunkosikazi wakhe akayizwa nhlobo leyo.

“Ngifuna ukusiza ikhomishini ngolwazi enginalo. Ngizizwa nginesibopho sokusiza ikhomishini,” kusho yena.

Usihlalo wale khomishini yiPhini leNhloko yamaJaji uRaymond Zondo.

UMngoma bekulindeleke ukuthi adalule ukusebenzisana okuyimfihlo kukaGigaba kanye nomndeni wakwaGupta ongundabamlonyeni.

AbakwaGupta, abebenobudlelwano obusondelene nowayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, kuthiwa nabo babehamba phambili ekulawulweni kombuso ngesikhathi esenguMengameli.

Lezi zithandani zabopha ifindo likasofasilahlane ngowe-2014 kwindumezuli yomcimbi.

Kanti banezingane ezimbili uNkanyezi noMvelo.

Ubudlelwano babo baqala ukuba nezinkinga ngemuva kokuboshwa kukaMngoma ngonyaka owedlule ngamacala okucekela phansi impahla, wukushaya kanye nokwehlisa isithunzi.

Lokhu kungemuva kwezinsolo zokuthi walimaza i-Mercedes Benz G-Class yomngani kaGigaba.

Kodwa-ke, i-NPA iwahoxise wonke amacala ayebhekene nawo muva nje.

UMngoma uthe usemxolele uGigaba ngabo bonke ubuhlungu amuzwise bona.

Yize kunjalo, uthe unesibopho njengesakhamuzi esithobela umthetho ukuthi akhulume iqiniso njengoba linjalo kwikhomishini.

“Kwikhomishini ilapho engiya khona, futhi akekho ozongivimba. Izwe lifanelwe ukwazi iqiniso.”

UGigaba ucele ikhomishini ukuthi ishaye indiva ubufakazi bukaMngoma.

Kubikwa ukuthi wathi imininingwane eminingi mayelana nesiqu sakhe izodalulwa uma uMngoma evunyelwa ukufakaza obala.

Unxuse uZondo ukuthi uMngoma anikeze ubufakazi ngasese.

Isinqumo sisenkantolo yekhomishini, kanti uZondo ubesazomemezela isinqumo sakhe.

Yonke imizamo yokuthola uGigaba ayiphumelelanga.

Izihloko zakamuva