“UNkulunkulu uyameseka uTrump”

Umvangeli odumile kamabonakude waseMelika uthi, uNkulunkulu umtshele ukuthi uDonald Trump uzophumelela okhethweni lwaseMelika mhla zi-3 kuLwezi.

Futhi akupheleli lapho.

UPat Robertson, usozigidi naye owake wangenela ukhetho lukamengameli, unezindaba ezimbi kakhulu.

Ubikezela ukuthi kune-asteroid ezobhubhisa umhlaba.

UTrump, okubukeka sengathi useluleme kwi-Covid, usesemuva ngokwezibalo zokhethe

abhekene nalo nembangi yakhe uJoe Biden.

Umhlaba wonke ulubheke ngabomvu lolu khetho.

Kuzwakala sengathi bekunguye ngempela uNkulunkulu oseZulwini. Kodwa uma ngabe uRobertson uqinisile, kusho ukuthi useyazi kuzokwenzekani.

Izihloko zakamuva